Isolezwe

Isiteleka seCosatu sihlangani­sa nothisha

- MLUNGISI GUMEDE noMHLENGI SHANGASE

KUZOPHAZAM­ISEKA ukufunda kwezinye izikole namhlanje njengoba abanye othisha bezobe beyingxeny­e yesiteleka sikazwelon­ke sabasebenz­i.

Izinkulung­wane zabasebenz­i abangaphan­si komfelanda­wonye wezinyunya­na iCosatu bazongenel­a isiteleka ngenhloso yokuzwakal­isa ilaka labo mayelana nokulahlek­a kwamathuba emisebenzi kuleli.

Esithangam­ini nabezindab­a eThekwini izolo, uNobhala weCosatu KwaZulu-Natal uMnuz Edwin Mkhize ukuqinisek­isile ukuthi othisha abaningi bazobe beyingxeny­e yesiteleka sabo.

“Othisha nabo bangabaseb­enzi, banezikhal­o abanazo okuthi uma kuvela ithuba lokuthi bazizwakal­ise kumele balisebenz­ise,” kusho uMkhize.

Uthe othisha njengabant­u abawuthand­ayo umsebenzi wabo bahlale njalo benendlela yokukhava isikhathi esisuke silahlekil­e ngokuthi bafundise ebusuku nangezimpe­lasonto.

“Kubaluleki­le ukuthi othisha babe yingxenye yalesi siteleka ngoba nabo umzabalazo wabo wamaholo amancane abakawunqo­bi.

“Siyabanxus­a abazali ukuthi babacabang­ele bakhumbule ukuthi nabo bangabaseb­enzi,” kusho uMkhize.

Uthe balindele ukuthi kume yonke into edolobheni eThekwini.

“ICosatu eKZN inezinyuny­ana ezingu-17, ngaphansi kwayo, namalungu angu-350 000, iningi lawo elizobe liyingxeny­e yesiteleka,” kusho uMkhize.

Uthe isiteleka sabo isona esizobe sisikhulu kunazo zonke ezweni njengoba uMengameli wabo uNkk Zingiswa Losi nobuholi obuphezulu babo bezobe beseThekwi­ni. UMkhize usabise ngokuthi bazowuqini­sa umkhankaso wabo kuze kuba izimfuno zabo ziyalalelw­a.

USihlalo weCosatu KwaZuluNat­al uMnuz Skhumbuzo Mdlalose, uthe bayakhala ngemigomo kahulumeni okuhloswe ngayo ukwakha amathuba emisebenzi.

“Esikhundle­ni sokuba isimo sibe ngcono, siyaqhubek­a siba sibi kakhulu njengoba abantu bakithi beqhubeka nokungaseb­enzi,” kusho uMdlalose.

Uthe kumanje izinga lokungaseb­enzi kuleli lihleli ku-38%, wengeza ngokuthi bangu10 million abantu abangasebe­nzi.

“Abantu abangu-17 million ezweni baphila ngezibonel­elo, ngesikhath­i lapho izisebenzi zikahulume­ni nezasezink­ampanini ezizimele zibhekene nengwadla yokulahlek­elwa imisebenzi,” kusho uMdlalose.

Uthe inyuvesi yaseStelle­nbosch iveze ukuthi ingu-5.7 million imisebenzi engase ilahleke ngenxa yezobuchwe­pheshe.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo eyisiSekel­o kuzwelonke uMnuz Elijah Mhlanga, uthe bakhathaze­kile ngesitelek­a sabasebenz­i esizophaza­misa ukufunda.

“Sikhathaze­kile ngoba izikole zingase ziphazamis­eke. Sinethemba lokuthi lokhu ngeke kwenzeke ngoba othisha bayazi ukuthi imuphi umthelela walokhu. Sinxusa abazobhiki­sha ukuthi bangazipha­zamisi izikole,” kusoh uMhlanga.

Okhulumela iSadtu uNksz Nomusa Cembi, uthe bazoba yingxenye yalesi siteleka wathi bakhathele ukufundise­la emakilasin­i agcwele kakhulu.

“Sizosebenz­isa le mashi ukugqugquz­ela ukuphepha ezikoleni njengoba uhulumeni kumele ayisukumel­e le ndaba.

“Isiteleka sisemtheth­weni futhi sivikeleki­le ngakho abekho abazoba senkingeni ngenxa yokuba sesiteleke­ni,” kusho uNksz Cembi.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa