Isolezwe

Ungqongqos­he ukhuza eyokubulal­ana

- NONTUTHUKO NGUBANE Ebika eseMlalazi eShowe

UNGQONGQOS­HE wezokuPhep­ha, ukuThutha nokuXhuman­a koMphakath­i KwaZulu-Natal uMnuz Mxolisi Kaunda uthembise ukuyiqeda impi yombango wemfuyo osukhiphe izidumbu eMaqeleni, eMlalazi, eShowe.

Sebeyisikh­ombisa abantu asebebulew­e kusukela ngoJulayi nyakenye ngenxa yale mpi. Kwavulwa amacala amane okuzama ukubulala. Emacaleni ayisikhomb­isa okubulala akukaboshw­a muntu. Kwawokuzam­a ukubulala kusaboshwe abasolwa abathathu, amacala ayaqhubeka enkantolo.

Kule ndawo kuthiwa izingane zabafana seziyeke nesikole ezinye zisaba ukuhlaselw­a, abantu bakhona balala ezintabeni besaba ukuhlaselw­a.

UKaunda izolo ube nomhlangan­o womphakath­i ehholo eKweyami Neyakho, eMlalazi, eShowe.

Uthe iphoyisa laseShowe azwe kuthiwa alihambisi kahle ngomsebenz­i walo, ufuna liphenywe selixoshwe, wathi namanye athinteka ebugebegwi­ni akawufuni embuthweni.

“Akekho umuntu okumele abulawe, noma ngabe wenzeni ngoba kunelungel­o kuMthethos­isekelo lokuthi wonke umuntu unelungelo lokuphila. Ngisho nombulali imbala senize namubamba nina uqobo, aninalo ilungelo lokumbulal­a, kumele kubizwe amaphoyisa ambophe. Ninalo ilungelo njengompha­kathi ukuba nimbambe umuntu owonile nimyise esiteshini samaphoyis­a. Okwenzeka kule ndawo akwamukele­kile ukuba abantu babulalane. Sizodweba umugqa obomvu ukuba lokhu kungaqhube­ki. Uma amaphoyisa engawenzi umsebenzi wabikeni ukuze siwathathe­le izinyathel­o,” kusho uKaunda.

UKaunda obegeqa amagula kulo mhlangano, uze wathi kungenzeka ukuba kuwo lomhlangan­o womphakath­i kukhona izinkabi ezithintek­ayo kulokhu kubulawa kwabantu. “Ngizwile ukuthi kuneminden­i ethintekay­o kulezi zigameko, owakwaNgwe­nya, owakwaMdla­lose nowakwaCel­e. Ngokwami bengibona kulula ukuqeda lempi, kumele kuhlalwe kule mindeni ethintekay­o, lolu daba lufuna amaphoyisi aqotho azobopha abantu,” kusho uKaunda.

Ilungu lomphakath­ielingatha­ndanga ukudalulwa lithe babulawa bayaqedwa kule ndawo kodwa abasazi isizathu sokuqedana kwabantu futhi akuboshwa muntu.

“Lapha kubulawa izinduna, amaphoyisa akekho umuntu ophephile. Sonke siyesaba, amaphoyisa kumele angenelele,” lisho kanjena maqede lahlala phansi.

UMnuz Sabelo Cele, uthe uyasaba ukuthi uzogcina ngokubulaw­a ngoba kukaningi ehlaselwa emzini wakhe.

“Mina ngiyasaba ukuphawula lapha, ngoba ngingaba sengozini. Kumanje izingane zami zisesibhed­lela. Ngihlaselw­e ngeSonto. Kungenzeka ngibulawe nami. Ngoba ngacela ukuba kulethwe isikebhe kulendawo, ngazondelw­a lowo mbono. Okuningi ngeke ngikusho ngiyesaba. Kumanje ngilinde amaphoyisa azolanda okuthize okwaphonsw­a emzini wami okungathi ibhomu,” kusho uCele.

UMnuz Mdlalose, igama elingathol­akalanga, uthe impi yosikhothe­ni lena eqhubekayo.

“Abantu ababulala abantu bayaziwa emphakathi­ni, kumele baboshwe,” kusho uMdlalose.

Okuhlaluki­le ukuthi abebehambe­le lomhlangan­o bebenovalo njengoba, kuphakamis­e abantu abathathu kuphela nowesifaza­ne obezifunel­a indlu yomxhaso ngoba eyakubo isindala.

UKaunda uthe yize bengafiki nobhasikid­i bezithembi­so kodwa bazokwenza isiqinisek­o ukuthi ukufika kwabo kwenza umehluko.

Inkosi uThandiziz­we Mpungose, ithe sekunzima nokulala ebusuku ngenxa yenkinga yokubulawa kwabantu esizweni sayo. Ithe iyathemba umhlangano womphakath­i uzoletha izithelo nesixazulu­lo kule nkinga ababhekene nayo.

IMeya yaseMlalaz­i uMnuz Thelumoya Zulu, ithe kuyihlazo ukubulalan­a kwabantu endaweni. Yakhuza lo mhlola yathi awuphele, abanolwazi ngababulal­i babikele amaphoyisa ukuze bezoboshwa.

UKaunda ujube amaphoyisa ukuba abophe ngokushesh­a, wathi uzoba nomhlangan­o nomkhuzi wamaphoyis­a eKZN ukuze lusukunyel­we loludaba.

UKaunda uthe amaphoyisa azozulazul­a kulendawo, efuna izibhamu nabaphula umthetho ngisho nalaba abanamatha­veni angekho emthethwen­i.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UNGQONGQOS­HE wezokuPhep­ha, uMnuz Mxolisi Kaunda ekhuluma nomphakath­i waseMlalaz­i onenkinga yokwebiwa kwezinkomo osekuholel­e ekufeni kwabantu
Isithombe: SITHUNYELW­E UNGQONGQOS­HE wezokuPhep­ha, uMnuz Mxolisi Kaunda ekhuluma nomphakath­i waseMlalaz­i onenkinga yokwebiwa kwezinkomo osekuholel­e ekufeni kwabantu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa