Ungqongqoshe ukhuza eyokubulalana
UNGQONGQOSHE wezokuPhepha, ukuThutha nokuXhumana koMphakathi KwaZulu-Natal uMnuz Mxolisi Kaunda uthembise ukuyiqeda impi yombango wemfuyo osukhiphe izidumbu eMaqeleni, eMlalazi, eShowe.
Sebeyisikhombisa abantu asebebulewe kusukela ngoJulayi nyakenye ngenxa yale mpi. Kwavulwa amacala amane okuzama ukubulala. Emacaleni ayisikhombisa okubulala akukaboshwa muntu. Kwawokuzama ukubulala kusaboshwe abasolwa abathathu, amacala ayaqhubeka enkantolo.
Kule ndawo kuthiwa izingane zabafana seziyeke nesikole ezinye zisaba ukuhlaselwa, abantu bakhona balala ezintabeni besaba ukuhlaselwa.
UKaunda izolo ube nomhlangano womphakathi ehholo eKweyami Neyakho, eMlalazi, eShowe.
Uthe iphoyisa laseShowe azwe kuthiwa alihambisi kahle ngomsebenzi walo, ufuna liphenywe selixoshwe, wathi namanye athinteka ebugebegwini akawufuni embuthweni.
“Akekho umuntu okumele abulawe, noma ngabe wenzeni ngoba kunelungelo kuMthethosisekelo lokuthi wonke umuntu unelungelo lokuphila. Ngisho nombulali imbala senize namubamba nina uqobo, aninalo ilungelo lokumbulala, kumele kubizwe amaphoyisa ambophe. Ninalo ilungelo njengomphakathi ukuba nimbambe umuntu owonile nimyise esiteshini samaphoyisa. Okwenzeka kule ndawo akwamukelekile ukuba abantu babulalane. Sizodweba umugqa obomvu ukuba lokhu kungaqhubeki. Uma amaphoyisa engawenzi umsebenzi wabikeni ukuze siwathathele izinyathelo,” kusho uKaunda.
UKaunda obegeqa amagula kulo mhlangano, uze wathi kungenzeka ukuba kuwo lomhlangano womphakathi kukhona izinkabi ezithintekayo kulokhu kubulawa kwabantu. “Ngizwile ukuthi kunemindeni ethintekayo kulezi zigameko, owakwaNgwenya, owakwaMdlalose nowakwaCele. Ngokwami bengibona kulula ukuqeda lempi, kumele kuhlalwe kule mindeni ethintekayo, lolu daba lufuna amaphoyisi aqotho azobopha abantu,” kusho uKaunda.
Ilungu lomphakathielingathandanga ukudalulwa lithe babulawa bayaqedwa kule ndawo kodwa abasazi isizathu sokuqedana kwabantu futhi akuboshwa muntu.
“Lapha kubulawa izinduna, amaphoyisa akekho umuntu ophephile. Sonke siyesaba, amaphoyisa kumele angenelele,” lisho kanjena maqede lahlala phansi.
UMnuz Sabelo Cele, uthe uyasaba ukuthi uzogcina ngokubulawa ngoba kukaningi ehlaselwa emzini wakhe.
“Mina ngiyasaba ukuphawula lapha, ngoba ngingaba sengozini. Kumanje izingane zami zisesibhedlela. Ngihlaselwe ngeSonto. Kungenzeka ngibulawe nami. Ngoba ngacela ukuba kulethwe isikebhe kulendawo, ngazondelwa lowo mbono. Okuningi ngeke ngikusho ngiyesaba. Kumanje ngilinde amaphoyisa azolanda okuthize okwaphonswa emzini wami okungathi ibhomu,” kusho uCele.
UMnuz Mdlalose, igama elingatholakalanga, uthe impi yosikhotheni lena eqhubekayo.
“Abantu ababulala abantu bayaziwa emphakathini, kumele baboshwe,” kusho uMdlalose.
Okuhlalukile ukuthi abebehambele lomhlangano bebenovalo njengoba, kuphakamise abantu abathathu kuphela nowesifazane obezifunela indlu yomxhaso ngoba eyakubo isindala.
UKaunda uthe yize bengafiki nobhasikidi bezithembiso kodwa bazokwenza isiqiniseko ukuthi ukufika kwabo kwenza umehluko.
Inkosi uThandizizwe Mpungose, ithe sekunzima nokulala ebusuku ngenxa yenkinga yokubulawa kwabantu esizweni sayo. Ithe iyathemba umhlangano womphakathi uzoletha izithelo nesixazululo kule nkinga ababhekene nayo.
IMeya yaseMlalazi uMnuz Thelumoya Zulu, ithe kuyihlazo ukubulalana kwabantu endaweni. Yakhuza lo mhlola yathi awuphele, abanolwazi ngababulali babikele amaphoyisa ukuze bezoboshwa.
UKaunda ujube amaphoyisa ukuba abophe ngokushesha, wathi uzoba nomhlangano nomkhuzi wamaphoyisa eKZN ukuze lusukunyelwe loludaba.
UKaunda uthe amaphoyisa azozulazula kulendawo, efuna izibhamu nabaphula umthetho ngisho nalaba abanamathaveni angekho emthethweni.