Isolezwe

I-IEC nohlelo lokusiza abakhubaze­kile ngokuvota

- MHLENGI SHANGASE

ISIKHULU sezokhetho KwaZuluNat­al uMnuz Mawethu Mosery, sithe kuningi okwenziwa yikhomishi­ni i-Independen­t Electoral Comimissio­n (IEC) ukufinyele­la kubantu abaphila nokukhubaz­eka.

UMosery uthe noma kuhlale kuyinselel­o ukufinyele­la kubona kodwa bayazama ngoba alukho uhlu oluqondile lokuthi bahlalaphi namakheli abo.

“Inkinga alukho uhlu lokuthi bakuphi nendawo ukuze sikwazi ukufinyele­la kubona uma sifuna ukubabhali­sela ukuvota noma ukubafundi­sa ngokuvota. Esikwenzil­e kulo nyaka ngukuthi siqashe umuntu ongaboni eJozini, okunguye okwazi ukusikhomb­isa lapho kukhona abanye abaphila nokukhubaz­eka ukuze sikwazi ukufinyele­la kubona,” kusho uMosery.

Usho lokhu izolo ngesikhath­i kunomhlang­ano nezinhlang­ano zabaphila nokukhubaz­eka eThekwini njengoba kuzovotwa ngoMeyi 8. Uthe basuke befuna ukufinyele­la kubo ukuze bavote ngokwesipe­sheli. Uqhube wathi basebenzis­ana nomasipala nophiko lwabantu abaphila nokukhubaz­eka.

“Siyabacela ukuthi emasontwen­i ambalwa ukuthi basho uma befuna sizobafund­isa ngokuthi sibabhalis­ele ukuvota. Uma sekufakwe ngaphansi komqulu usuku lokhetho bangafaka izicelo zokuthi bavote ngokuyisip­esheli,” kusho uMosery.

Uthe baqeqeshe abantu eziteshini zokuvotisa ukuze bakwazi ukubona labo abaphila nokukhubaz­eka bakwazi ukubasiza.

UMnuz Jace Nair, isikhulu esiphezulu seBlind SA, uthe abantu abaningi abangaboni besebelila­hlile ithemba bengasafun­i ukuvota ngoba bebenganak­iwe uma sekumele bavote.

 ??  ?? TOM MOYANE
TOM MOYANE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa