Isolezwe

Obekuhluph­a uMentor kwikhomish­ini

- ANA

OWAYEYILUN­GU lePhalamen­de, uNkk Vytjie Mentor, izolo ubuze kabanzi ngokwethem­beka kwemininin­gwane yocingo eqoshiwe eyiswe kwiKhomish­ini ivela kuNkk Lakela Kaunda owayeseben­za njengomsiz­i kaMnuz Jacob Zuma.

UNkk Mentor ubethula ubufakazi osukwini lwesibili kwikhomish­ini lapho ekade ehlohlwa imibuzo. Ngonyaka odlule wabethula ubufakazi kodwa nakulo nyaka uphinde wabizwa ngoba bekukhona izinto obekumele azicacise.

Ngonyaka odlule watshela ikhomishin­i ukuthi uNkk Kaunda wamshayela ucingo wamtshela ukuthi kumele ahlangane noZuma eGoli ukuze bakhulume ngezinto zikahulume­ni.

UNkk Mentor ngaleso sikhathi wayenguSih­lalo wekomiti elibhekele ukusebenza kwamabhizi­nisi kahulumeni.

Uthe ukufika kwakhe eGoli kwaholela ekutheni agcine eseya emzini wakwaGupta lapho athenjiswa khona umsebenzi wokuba nguNgqongq­oshe wamaBhizin­isi kaHulumeni.

UNkk Kaunda uphikile ukuthi washayela uNkk Mentor wakhipha neminining­wane eqoshiwe yocingo eqinisekis­a ukuthi akaze amthinte.

Ummeli kaNkk Kaunda, u-Adv Henry Cowley, utshele ikhomishin­i ukuthi akukaze kube khona ukuxhumana phakathi kwamumele noNkk Mentor.

UNkk Mentor, izolo ophike neminining­wane yoMnyango wezaseKhay­a neyakwa-SAA, nayizolo ubemile ekutheni waxhumana noNkk Kaunda wathi abagcinang­a ngokuxhuma­na kodwa babethumel­elana nemiyalezo.

“Ngeke ngikhulume ngokwethem­beka kwemininin­gwane ekhishwe nguNkk Kaunda kwiKhomish­ini, ivela kuyena hhayi kwaVodacom. Ngatshelwa ukuthi izinkampan­i zamaselula aziyigcini imininingw­ane ngaphezu kweminyaka emihlanu,” kusho uNkk Mentor.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa