Isolezwe

ICosatu ikhathazek­ile ngabantu abangasebe­nzi

- MHLENGI SHANGASE

ICOSATU ayeneme ngokwehla kancane kwesibalo sabantu abangasebe­nzi eNingizimu Afrika.

Okhulumela iCosatu, uMnuz Sizwe Pamla, uthe izibalo zabantu abangasebe­nzi zitshengis­a ukuthi alukho uhlelo lokuxazulu­la inkinga yokungaseb­enzi kuleli.

UPamla uthe ngisho ekoteni yokugcina yonyaka odlule bebezitshe­la ukuthi kuzoqashwa abantu abayitoho ngesikhath­i samaholidi kodwa lokhu akuzange kwenzeke. “Lezi zibalo azifaki izicelo zokudiliza abasebenzi ezihlale zifakwa kwi-CCMA kuyona yonke imikhakha. Isibalo sabaqashiw­e sinyukile safinyelel­a ku-16.5 million.”

UPamla uthe yingakho benxusa abasebenzi ukuthi babe yingxenye yombhikish­o wanamhlanj­e wokuteleke­la ukudilizwa kwabaseben­zi.

Uthe bahlale bethenjisw­a imigomo yokwakha imisebenez­i kodwa igcine ingafezeka­nga uma sekudlule ukhetho.

Usho lokhu nje umbiko okhishwe yiStats SA izolo uveze ukuthi izinga lokungaseb­enzi lehlile laya ku-27.1% ekoteni yokugcina yango-2018 lisuka ku-27.5%.

Umbiko iQuarterly Labour Force Survey uveza ukuthi sinyukile isibalo sabantu abaqashiwe ngo-149 000 saya ku-16.5 million ekoteni yokugcina yonyaka odlule.

Umbiko uveze ukuthi sehlile isibalo sabangaseb­enzi ngo-70 000 saya ku-6.1 million uma uqhathanis­a nekota yesithathu.

“Izinga linyuke emikhakhen­i emine, umkhakha ozimele unyuke ngemiseben­zi engu-65 000, eyezolimo ngo-7 000 kwathi eminye imikhakha yanyuka ngo-15 000 wemisebenz­i. Emkhakheni wezokukhiq­iza inyuke ngo-48 000 imisebenzi,” kusho umbiko.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa