Inselelo ngemijondolo eseThekwini
KUZOTHATHA iminyaka elinganiselwa kwengu-60 ukuqeda imijondolo eyakhele iTheku.
Lokhu kuvezwe yinhloko ebambile eMnyangweni wezokuHlaliswa kwaBantu eThekwini, uMnuz Vis Moodley, othe uma kusetshenziswa izindlela ezikhona manje zokuqeda imijondolo eThekwini kungathatha iminyaka elinganiselwa ku-60 ukuyiqeda.
UMoodley ubekhuluma esigcawini sezinsuku ezimbili sokubonisana ngezindlela zokuthuthukisa izindawo okwakhiwe kuzo imijondolo eThekwini, i-Informal Settlement Upgrade Summit, eqale izolo okulindeleke ukuthi iphothulwe namhlanje eMgababa.
UMoodley uthe abahlala emijondolo babona sengathi uhlelo lokwakhiwa kwezindlu luhamba kancane. Uqhube wathi olindela ababakhelwe ukuthi abantu bahlale kubo okungenani iminyaka emihlanu sebedinga ukulungiswa. Imali yokubalungisa ayikho.
Uqhube wathi kunabantu abaqala ukuhlala kolindela ngo-2008 kuze kube yimanje abakazitholi izindlu zomxhaso. Uthe asebehlale kolindela isikhathi eside baba nemibhikisho bekhala ngokuhlala kwabo isikhathi eside kulezi zindawo.
“Njalo ngonyaka kwakhiwa izindlu zomxhaso ezintsha, umbuzo okhona ngowokuthi ngabe bayancipha abahlala kolindela? Cha abanciphi. Uthi ungakadilizwa ulindela kube sekukhona abangena kuwo ngenkani. Nasemijondolo kuyefana kucinene, kwakhiwa imijondolo emisha usuku nosuku, abanye baze bangene emhlabeni okungakhiwe kuwo ngodli bakhe imijondolo,” kusho yena.
UNkk Zandile Gumede, iMeya yeTheku, uthe ngaphezu kwemizamo yabo yokwakhela abahlala emijondolo izindlu umehluko awubonakali ngoba abantu bafudukela kuleli dolobha bezofuna imisebenzi. Imijondolo iyanda kunokuthi inciphe. Abahlala kuyo uthe basengcupheni yezinhlekelele zomlilo, ukuguguleka uma lina kakhulu nokunye.
UNgqongqoshe walo Mnyango, uMnuz Ravi Pillay, uthe uyakuqonda ukuthi uMasipala weTheku awukwazi ukwakhela bonke abahlala emijondolo izindlu.
Uqhube wathi: “Siyazi ukuthi kukhona abazuzayo ngokuba khona kwemijondolo. Kukhona omasitende, abadayisa iziza nabanebhizinisi lokuxhumela abanye ugesi ongekho emthethweni. Ngakolunye uhlangothi nathi asikwazi ukuqasha abantu abanele abazobhekana nabenza lo mkhuba. Senza kanjani ukuthi kulesi simo kuphume into ezokwenza ukuthi sonke sithuthuke kungabikhona owebayo? Nginethemba lokuthi kulesi sigcawu sizophuma nezimpendulo,” usho kanje.
UMnuz Sbu Zikode, umengameli wenhlangano Abahlali baseMjondolo, uthe okubekwe ezithebeni kulesi sigcawu kuyethembisa kodwa unovalo lokuthi amakhansela awasiyo ingxenye yaso okungenzeka angazishayi mkhuba izinqumo ezithathwe kuso.