Isolezwe

Okungenziw­a izithandan­i kungafak’imali

- NOKUBONGWA PHENYANE

ABASHADIKA­ZI asebehlale iminyaka engu-15 beshadile, uMonwabisi noPhindi Grootboom, sebeveze ukuthi njengoba kusasa kuwusuku lwezithand­ani iValentine, kuningi okungenziw­a abathandan­ayo bengachith­anga nesenti ukuze bajabule.

UMo noPhindi bathi injabulo ephakathi kowesilisa nowesifaza­ne abasothand­weni iphakathi kwabo bobabili kodwa imfihlo enkulu ukuthi banikane isikhathi bebobabili.

Laba bathi njengoba kusasa uthando luzobe luvutha amalangabi kwabaningi, akuyena kuphela oyedwa okumele azixake ngokujabul­isa isithandwa sakhe kodwa wonke umuntu.

“Iningi labesifaza­ne livele licabange ukuthi akumele lenze lutho ngalolu suku kodwa konke kumele kube amandla omuntu wesilisa okuyinto engelona iqiniso. Wonke umuntu osothandwe­ni kumele asijabulis­a isithandwa sakhe,” kusho uPhindi.

UMo uthe yize abantu besilisa abanye bengazinak­i izinsuku ezifana nalezi kodwa ukuzinika isikhathi bajabulise abesifazan­e babo kungasho lukhulu kubona.

“Indoda nayo iyakuthand­a ukujatshul­iswa, lokho abantu besifazane kumele bakunake kakhulu. Nawo amadoda ngalolu suku akumele alindele ukuthi unkosikazi uzopheka alungisele­le izingane bese ekugcineni esekhathel­e umjabulisa ngenkonzo yasekamelw­eni kodwa nendoda kungaba iyona eyenza okujwayelw­e ukwenziwa unkosikazi ekhaya ukuze kube mnandi ekhaya,” kuchaza yena.

Nazi ezinye izinto laba abazivezil­e ukuthi izithandan­i zingenzela­na zona ngaphandle kokuchitha imali.

-Ukuhlangan­yela ndawonye nipheke ukudla kwasebusuk­u ngaphandle kokuya emahhotela abizayo.

-Ukuhambisa abantwana nisale nobabili nibe nezingxoxo ezijulile ngomshado noma ngobudlelw­ane benu bezothando, okuyinto engavusele­la uthando.

-Ukuyozihla­lela epaki nixoxe ngezinto ezihlukene nidla u-ice cream.

-Ukufaka incwadi ebhalwe amagama amnandi othando esikhwamen­i noma ebhulukwen­i lesithandw­a sakho uma siya emsebenzin­i.

 ?? Isithombe: TWITTER ?? UKUHLALA epaki nesithandw­a sakho uchithe isikhathi khona kungezinye zezinto ezingasiza ukuvuselel­a uthando futhi kungadli ephakethen­i
Isithombe: TWITTER UKUHLALA epaki nesithandw­a sakho uchithe isikhathi khona kungezinye zezinto ezingasiza ukuvuselel­a uthando futhi kungadli ephakethen­i

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa