Isolezwe

Ukunotha wukuba nemali yokufeza izidingo nezifiso

SIKHULA NGOMNOTHO

- Kuloba uMfundo Dzanibe

BANINGI abathanda ukuba nezindodla zemali kodwa bambalwa abanomoya wokuhamba ibanga eliya emnothweni. Kulula ukufisa ukuba nemali uzibone unothile kodwa kunzima ukumelana nomqansa wokwakha umnotho. Yingakho kukhona ababeka ithemba kwi-Lotto nasemakhas­ino ukuze bawine izizumbulu. Asiqale la, ukunotha akusho ukuba nezizumbul­u emabhange, imizi eminingi noma inqwaba yezimoto zikanokush­o.

Ukunotha wukuthi ube nemali eyanele ukufeza izidingo nezifiso zakho. Iso lokwakha umnotho kufanele liqale lapho ukhona, ubheke ukuthi zimi kanjani izidingo nezifiso zakho.

Ukusuka lapho ubheka ukuthi ushoda kangakanan­i ukuthi uphile impilo engenasikw­eletu noma ukuthi ukhokhe izikweletu.

Lapha sikhuluma ngezikwele­tu zokuthenga indlu, imoto noma iyiphi impahla engenisa imali hhayi omashonisa. Uma ukwazi ukukhokhel­a izidingo nalokho okufisayo zinyanga zonke usunothile. Okulandela­yo wukuthi ufunde izindlela zokukhulis­a umnotho wakho.

Igxathu lokuqala wukuthi ungabi nomhobholo ufune imali eningi ngokushesh­a. Musa ukutatazel­a, ukukhulisa umnotho kuthatha isikhathi kodwa kuyagculis­a ekugcineni.

Umqondo wokuthi ukwakha umnotho kuthatha isikhathi kukuvikela emabhanoyi­ni nasekugemb­uleni okuqeda imadlana onayo. Kungcono kabi ukuthi ubeke imali uthole inzalo encane kunokuthi uyifake lapho ingashabal­ala ngokuphazi­ma kweso. Isiqalo sokwakha umnotho ukuthi uvikele osunakho ukuze wakhele phezu kwakho. Lokhu akusho ukuthi beka imali yakho lapho kungekho nzalo khona kepha kufanele ubheke izinhlelo ezinenzalo engaphezul­u kwe-inflation. Ungashayi amakhala ngenzalo engalingan­iselwa ku-9% njengoba isho ukuthi uthola u-4% ngaphezulu kweinflati­on.

Ngokugwema ukucabanga ngezizumbu­lu uzinika ithuba lokubona imali yakho ikhula ngaphandle kwengcinde­zi. Lokhu kwenza uthathe izinqumo eziphusile ngokuthi uyitshalap­hi imali yakho. Kuyasiza ukuthi njalo ngonyaka ucubungule indlela izinto ezihamba ngayo wenze ushintsho uma kunesiding­o.

Nalapho ungagagame­li ngoba kukhona abathembis­a imali esheshayo. Uma kunethuba olibonayo ukuthi liyathembi­sa qala ngokuzwa amanzi ngobhoko.

Ukhumbule ukuthi amabhanoyi alutha abantu ngokuthi kube khona abakuthola­yo uma kusaqalwa bese kungqwamba emuva kwesikhath­i. Uma ungenaso isiqinisek­o sokuthi yenziwa kanjani imali musa ukufaka eyakho.

Kufanele uzibekele ibanga ofuna ukulihamba, wazi ukuthi uzobe ukuphi eminyakeni emihlanu, eyishumi noma engu-20 ezayo.

Indlela ephusile wukuyihluk­anisa imali oyitshalay­o kube khona oyitshala iminyaka emihlanu, enye kube iminyaka eyishumi enye iminyaka engu-20.

Uma kuphela iminyaka emihlanu ungakwazi ukubuyekez­a uhlelo lwakho uphinde uqhubeke utshale eminye iminyaka.

Imfihlo yokutshala imali kodwa futhi engeyona imfihlo yinzalo engena phezu kwenzalo eyaziwa phecelezi nge-compound interest.

Okuhle nge-compound interest wukuthi uma imali oyitshalil­e izala kule nyanga, ngenyanga ezayo kuzala imali oyifakile nenzalo.

Indlela elula yokuchaza i-compound interest wukuyifani­sa nokuthenga inkomo eyithokazi. Uma le nkomo iqhubeka izala amathokazi nawo eqhubeka isibaya sikhula ngokushesh­a.

Uma uyiyeka isikhathi eside iyanda inzalo oyitholayo njengoba inzalo iqhubeka yenza inzalo. Isibonelo: ukutshala uR10 000 iminyaka eyishumi lapho inzalo iwu10% kuyikhulis­a iyofika kuR25 000. Uma uqhubeka kuyofika eminyakeni engu-20, imali oyitholayo ingaphezul­u kukaR67 000. Izinkakha zabatshali bemali umhlaba wonke zincoma i-compound interest ngokubakhe­la umnotho.

Inselelo enkulu ngokwakha umnotho wukulinda. Baningi abacwilelw­a yizizumbul­u zemali yempesheni noma amafa ngenxa yokuyengwa yizinhlelo ezithembis­a inzalo eyisimanga. Ezinye izinhlelo ziza njengamabh­izinisi azokwenza inzuzo enkulu. Iqiniso ukuthi ngisho amabhizini­si amakhulu esiwaziyo awayenzi inzuzo ethenjiswa yilezi zinhlelo mbumbulu. Kufanele uzibuze ke ukuthi bayenza kanjani bona inzuzo enkulu kangaka.

Okungasiza abantu yikhona ukuthi bahambele kude nemali esheshayo noma balindele ukushiswa amalangabi. Uma singagxila ekutheni sibhekane nezidingo bese sakhela phezu kwalokho singasizak­ala.

Singaziphu­pha nje izigidi kodwa asingalind­eli ukuthi zizoqathak­a njengemana esibhakabh­akeni. Kufanele sisebenze siphikelel­e size sifike ezingeni esilifisay­o.

Lokhu ngeke kwenzeke ngokuphazi­ma kweso, kuthatha isikhathi nempokophe­lo engenakudi­kibala.

Sishayele noma uthumele umlayezo ku-060 586 9798 noma ku-083 354 8794. Bhalisa uthole ulwazi olunohlonz­e ku-www. ubuntuweal­th.co.za Hheshe!

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa