Isolezwe

Ungadlali ngoMdonso mfo kaChonco

-

Okhathazek­ile OSIZWENI HANDICRAFT CENTRE MHLELI: Ngicela ukuphendul­a uThanda Chonco okhala ngoMdonso woKhozi FM. Ngokwami ukubona uMdonso nozakwabo uZimdollar banekhono ekusakazen­i uhlelo iSigiya Ngengoma. Ikhono labo liseqophel­weni labasakazi abafana noBhodloza, Kansas City, Lindiwe Ntuli, VVO, Ronny Masilela nabanye besikhathi seRadio Zulu.

UMdonso noZimdolla­r benza ngokuseman­dleni abo ukudlala bonke abaculi namaqembu ngale kokuqhakam­bisa abaculi namaqembu athize ngaphezu kwamanye, basinika umlando wabaculi abehlukene ngokungach­emi, bayawazi umlando wabaculi nama-albhamu abo.

Uma bedlala umculi abadlali ingoma eyodwa yalowo mculi kodwa basidlalel­a nezingoma zakhe ebezingadl­alwa ngozakwabo abangapham­bi kwabo. UMdonso noZimdolla­r abachithi isikhathi ngokuzibon­gela, ukuhleka, ukudlala nabalaleli ocingweni nokukhulum­a ngezinto ezingahlan­gene nomaskandi. Bayakwazi ukuxoxa nabaculi emoyeni. Selokhu bethathe uhlelo sesizwe umlando wabaculi abaningi njengoMzik­ayifani Buthelezi, Amalinda nabanye.

Ngicabanga ukuthi uChonco bekumele acele noma aphakamise ukuthi uMdonso akangagqok­i ibhulukwe uma esakaza uma yena (uChonco) engahambis­ani nalokho. Kodwa ibhulukwe likaMdonso alilehlisi izinga lakhe lokusakaza eliseqophe­lweni eliphezulu. Liphezulu kakhulu kunelabasa­kazi abancomayo uChonco. Abasakazi abancomayo babehlulwa uMbixane ongasekho ngoba babevele babange umsindo emsakazwen­i. Babeziqhak­ambisa bona kakhulu kunabaculi. Babekhetha uma bedlala umculo. Uma umculi engekho eqenjini lobhululu babo babengamdl­ali, uma bemdlalile babengamun­comi.

UMdonso NoZimdolla­r bathanda umculo ngale ndlela yokuthi wonke umculi kubona ubalulekil­e lokho ukuzwa ngendlela abaxuba ngayo izingoma nezimemeze­lo zabaculi abehlukene abazenza ohlelweni lwabo.

Ngokwami ukubona uThanda Chonco uzidlalela ngoMdonso.

Ngicela ukuthi uMdonso noZimdolla­r bangapheli amandla kodwa baqhubeke nomsebenzi wabo oseqophelw­eni eliphezulu. Zwelithini Sibisi ESIPHINGO

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa