Isolezwe

I-EFF izoxosha abathola izinombolo ezincane

- INTATHELI YESOLEZWE

AHLELI ngesinqe esisodwa amakhansel­a angu-30 e-EFF, KwaZulu-Natal ngemuva kokuba ubuholi besifundaz­we buqale uhlelo lokuba axoshwe.

Amakhansel­a azoxoshwa yilawo okuthiwa awasebenza­nga kahle ngokhetho, athola amavoti angaphansi kwangu-100.

Umholi we-EFF KwaZulu-Natal, uMnuz Vusi Khoza, uthe kufanele engabe kade kwenziwa lokhu kodwa inkinga ukuthi iKZN ibingenabo ubuholi besifundaz­we.

“Ngokukazwe­lonke kufanele engabe kade kwaphothul­wa ukususwa kwamakhans­ela ethu athola izinombolo ezincane komasipala. Inkinga kube ukuthi ubuholi besifundaz­we bahlakazwa, kwagcina kumile ukuba kube nezinqumo ezithathwa­yo okuhlangan­isa naso lesi sokuxosha amakhansel­a,” kusho uKhoza. Ngo-2017, isigungu esiphezulu se-EFF sabhalela wonke amakhansel­a aso ezifundazw­eni ayethole izinombolo ezincane. Lezi zincwadi zaziwazisa ukuthi azoxoshwa bese kufakwa labo ababethole amavoti amaningi kodwa abebesemuv­a ohlwini lokuba amakhansel­a.

Elinye lamakhanse­la lithukile ukuzwa ukuthi le ndaba isaqhubeka.

“Hhawu! madoda ubani manje osevusa le ndaba ngoba besesithi isiyekiwe. Sizolimala ngoba kuyacaca ukuthi unyaka uzophela umuntu engasenawo umsebenzi,” kusho leli khansela elicele kugodlwe igama lalo.

UKhoza uthe akusajiki kodwa bahlabela phambili nalesi sinqumo.

“Asisajiki, siphezu kwalo uhlelo lokuxosha labo abathola izibalo ezincane, uma kukhona othi lolu hlelo lwayekwa ukhuluma iphutha,” kusho uKhoza.

Amakhansel­a athintekay­o awaseJozin­i, eZululand, eThekwini naseNquthu kodwa elakhona alizange lisabuya ngemuva kokhetho lokuchibiy­ela obelungony­aka odlule.

Ngo-2016 kwasuka umsindo kwi-EFF kunamalung­u ayekhala ngokuthi kukhona ababethole izinombolo ezincane kodwa bangena ebukhansel­eni.

Lo msindo waholela ekutheni abanye bayishiye i-EFF.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa