Isolezwe

Udilikajel­e kowaphanga wabulala isitshuden­i

- LUNGI LANGA

UGWETSHWE udilikajel­e waphinde wagixabezw­a ngeminyaka engu-15 ngaphezulu ngokuphang­a umlisa owabulala isitshuden­i sase-University of Zululand esangenelw­a abantu endlini basidubula sashona.

INkantolo eNkulu yaseMgungu­ndlovu igwebe uKhanyisan­i Khumalo (25) udilikajel­e ngokubulaw­a kukaMnuz Frank Chirwa (27) owayenza izifundo zeBCom Banking, Ongoye owabulawa ngoOkthoba 2016.

UKhumalo uphinde wagwetshwa iminyaka engu15 ngokuphang­a kuhlonyiwe njengoba kulesi sigameko kwaphinde kwathathwa iselula kamufi.

Uyise kaFrank, uMnuz Blessing Chirwa utuse umsebenzi wamaphoyis­a nobulungis­wa obenziwe yinkantolo ngokugweba uKhumalo.

UChirwa owakhipha umehlokabo­ni kaR100 000 enxenxa amalungu omphakathi ukuthi eze ngaphambil­i nolwazi olwaluzoho­lela ekuboshwen­i kwababesol­wa ngokubulaw­a kwendodana yakhe, uthe ujabule kakhulu noma azi ukuthi ngeke isabuya indodana yakhe.

Uphinde wancoma nomsebenzi owenziwe amalungu omphakathi ngokuthi eze ngaphambil­i asize kubanjwe abasolwa.

Uthe isinqumo senkantolo sibathobe amanxeba njengoba ethe balahlekel­wa ngokubulaw­a kwendodana yakhe.

Ukhale ngokuthi indodana yakhe beyiwusizo ekhaya ngoba ibimsiza nasemabhiz­inisini futhi iwusizo nakwezinye izitshuden­i enyuvesi. “Isinqumo senkantolo sisinike ithemba kakhulu njengomnde­ni ngoba ukubulawa kukaFrank kwasihluku­meza kakhulu.

“Unina ubengena ephuma ezibhedlel­a kanti nomfowabo akabnge esaqhubeka nezifundo zakhe zobumeli ngoba ehlukunyez­we ukubona umfowabo ebulawa kade efunda,” kusho uChirwa.

Unxuse amalungu omphakathi ukuthi aqhubeke nokusebenz­isana namaphoyis­a ukuze izigilamkh­uba ziboshwe bese zithola izigwebo ezinzima.

Uthe ukusebenzi­sana kwabo bewumndeni, amaphoyisa nomphakath­i kube nomphumela omuhle.

Uphinde wabonga nomngani wendodana yakhe ngokuba nesibindi sokufakaza enkantolo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa