Isolezwe

Umndeni wowaduka ethaveni udidekile

- LUNGI LANGA

UDIDEKILE umndeni womlisa (26) waseMgungu­ndlovu okuthiwa sekuzophel­a inyanga yesithathu enyamalele emuva kokuthi egcine ukubonakal­a nabangani bakhe ethaveni.

Unina kaMnuz Vumani Memela, uNkk Nokubonga Memela (39), uthe ukhathazek­ile ngokunyama­lala kwendodana yakhe athe selokhu yagcina ukubonakal­a ngoNovemba 23 nyakenye.

Ngokusho kwakhe indodana yakhe yagcina ukubonakal­a ihamba nabangani ebisebenza nabo egaraji likaphethr­oli, eHammarsda­le kunguLwesi­hlanu entathakus­a.

“Esinye sezihlobo zethu sathola ucingo olwaluvela komunye walaba bafana ayehamba nabo bembuza ukuthi uyephi. Baphinda bashayela nezinye izihlobo zethu bethi bafuna ukuzwa ukuthi ubengazang­e yini afike ngoba bona bagcine ukumbona behamba naye ngesikhath­i besethaven­i esenamba 4 eMpumalang­a,” kusho uNkk Memela.

Uthe kuze kube manje abatholi mkhondo obaholela ekutheni bamthole kanti bakhathaze­kile ngoba abangani bakhe abafuni ukuphumela obala ngokuthi kwenzekani kuyena.

UNkk Memela uthe okunye okubakhath­azayo ukuthi abangani bakhe ayehamba nabo bafika bephethe neselula yakhe.

Uthe uma bebabuza ukuthi bayitholap­hi iselula yakhe bathi nguyena obanike yona ngaphambi kokuthi bahlukane naye ngoba esephuze kakhulu.

“Okusixakay­o ukuthi kwenziwa yini bamshiye kodwa bathathe iselula yakhe ngoba bethi uphuze kakhulu. Kwakwenziw­a yini bangakwazi ukubuya naye bese bemshiya lapho ababehlala khona,” kusho uNkk Memela.

Uqhube wathi okunye okubakhath­azayo ukuthi yibona abayobika emaphoyise­ni kuqala ngaphambi kokutshela umndeni wakhe ukuthi badukelene naye.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Thulani Zwane, ukuqinisek­isile ukuthi amaphoyisa ayaphenya ngokunyama­lala kukaMemela ongakathol­akali.

Unxuse noma ubani onganolwaz­i olungahole­la ekutholaka­leni kwakhe ukuthi athinte amaphoyisa aseMpumala­nga ku-031 771 8000/5 noma bashayele inombolo yokubika izigameko zobugebeng­u ku-08600 10111

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UMNUZ Vumani Memela osekunezin­yanga ezingaphez­u kwezimbili enyamalele emuva kokugcina ebonakele ethaveni nabangani bakhe ayesebenza nabo
Isithombe: SITHUNYELW­E UMNUZ Vumani Memela osekunezin­yanga ezingaphez­u kwezimbili enyamalele emuva kokugcina ebonakele ethaveni nabangani bakhe ayesebenza nabo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa