Isolezwe

Inkabi iyacula ngelokusoc­onga ikhansela

- INTATHELI YESOLEZWE

I-IFP noNgqongqo­she wamaPhoyis­a kuleli bathi bashaqekil­e ngokusatsh­iswa ngokubulaw­a komndeni wowesilisa ogonyuluke kubo ngokusocon­gwa kwekhansel­a leNkatha laseZulula­nd. Lo mlisa usevule necala emaphoyise­ni aseMgungun­dlovu ePressburr­y, ladlulisel­wa eVryheid kanti uthi usongelwa umholi oqavile kwi-IFP ngoba efuna asuse igama lakhe esitatimen­deni esifungelw­e esimnukayo.

Lokhu kulandela ukuthi lo mlisa ocele ligodlwe igama lakhe, ekhale ngokuthi kunamaphoy­isa awabize ngamagama asebeke engcupheni umndeni wakhe ehlangene nalo mholi we-IFP naye eligodliwe igama lakhe.

Uthi kumanje kunezingci­ngo ezisabisa umndeni wakhe.

USihlalo we-IFP kuzwelonke, uMnuz Blessed Gwala, uthe uyashaqeka uma esethola ukuthi lo mlisa owathi wayekhona kubulawa ikhansela uSbuyiselo Dlamini, usesatshis­wa ngaphakath­i eqenjini.

“Lowo muntu ngiyamazi. Wasifonela samhlelela ukuba afike eThekwini wabe esesichaze­la ngakwaziyo. Ngavele ngabona ukuthi lesi sinindolo asichazayo singaphezu kwami, ngamthatha ngamdlulis­ela kwiziphath­imandla zamaphoyis­a. Ngakho unamanga uma esethi ngamhambis­a kuBheki Cele, asikaze nje sihlangane noCele. Ngaphandle kwalokho okunye okwenzekay­o lapho angikwazi ngakho ngiyethuka uma sekuvele ukuthi kunomunye umholi wethu osabisa lo mlisa ukuze aguquke kwayekushi­lo phambilini. Mina ngamyisa emaphoyise­ni ngoba ngangibuye ngididwe ukuthi lo muntu unamalimi,” kusho uGwala.

Okhulumela uCele, uNksz Reneilwe Serero ukuqinisek­isile ukuthi bahlangana nalo mlisa kodwa bayethuka uma sebezwa ukuthi uyasatshis­wa ngoba ubengakwaz­i lokho.

Lo mlisa usejele laseMgungu­ndlovu, iNew Prison ngecala lokubulawa kowayeyime­nenja kaMasipala waseRichmo­nd, uMnuz Sibusiso Sithole.

“Kuthe ngesikhath­i ngiyiswe enkantolo yaseVryhei­d, eLouwsburg ngecala elingahlan­gene nalolu daba naleli engilibosh­elwe, sahlangana endleleni nalo mholi weNkatha. Amaphoyisa ayengihamb­isile ayelokhu ekhuluma naye ocingweni. Wayeshayel­elwa iBMW X5 emhlophe. Sayilandel­a sangena emgwaqweni owubhuqu nalapho esafike sama khona. Kwaphuma ubhuti owayehamba nabesilisa ababili abamsiza ukuba ehle emotweni. Ngakhumbul­a ukuthi ngiyamazi nguye lona owasikhokh­ela imali engu-R450 000 oLundi mhla siqeda ukubulala uDlamini wakhuluma nami wathi ukhathazek­ile ngokuthi ngigonyulu­ke ngegama lakhe kwi-IFP ngakho ucela ngiguqule lokho ngithi ngangithen­gwe yiyo (IFP) ukuba ngimqambel­e amanga,” kusho lo mlisa.

Uthe okumphethe kabi ukuthi lawa maphoyisa ayakwazi ukumcela ejele uma ezoya enkantolo ahambe naye ngakho useyasaba ukuthi azomenzaka­lisa.

Uveze nokuthi nezinkabi ayenazo ziyazi kubo futhi azikaboshw­a.

Uqhube wathi kumanje amaphoyisa nalo mholi we-IFP, bafuna aqinisekis­e ngokuboshw­a kwabasolwa basoLundi ukuthi uyabazi ekubeni engakaze ahlangane nabo.

Uveze ukuthi mhla beyobulala uDlamini wayehamba nezinkabi zaseEaster­n Cape ngeGolf kanti kukhona owayebasiz­a ebatshela ukuthi umufi usekuphi.

“Satshelwa ukuthi umqaphi wakhe akekho kushoniwe kubo ngakho uhamba yedwa. Okokugcina satshelwa ukuthi asigade emarobhoth­ini asuka edolobheni oLundi ngoba uzoqhamuka ngakhona uphuma eShisanyam­a nokuyindle­la esamthola ngayo samdubula,” kusho lo mlisa.

Uthi kumanje ayenabo abakaboshw­a ngakho nabo sebeqalile basabisa ngokuthi bazoqotha umndeni wakhe oseMdantsa­ne ngoba bayazi ukuthi uhlalaphi.

UMnuz Skhanyisel­e Dlamini ongumfowab­o kamufi uvele waphelelwa amazwi ezwa le ndaba.

Uthe kusho ukuthi lawa maphoyisa abalokhu bewathemba abewabiza ngamagama, yiwo kanti ayingozi, wathi abasazi bewumndeni bazothemba bani manje ngoba ne-IFP abasayithe­mbi.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al UColonel Thembeka Mbele, ukuqinisek­isile ukuthi kukhona icala lokusabisa eliphenywa­yo.

 ??  ?? BLESSED GWALA
BLESSED GWALA
 ??  ?? BHEKI CELE
BHEKI CELE
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa