Umndeni wowaduka ethaveni udidekile
UDIDEKILE umndeni womlisa (26) waseMgungundlovu okuthiwa sekuzophela inyanga yesithathu enyamalele emuva kokuthi egcine ukubonakala nabangani bakhe ethaveni.
Unina kaMnuz Vumani Memela, uNkk Nokubonga Memela (39), uthe ukhathazekile ngokunyamalala kwendodana yakhe athe selokhu yagcina ukubonakala ngoNovemba 23 nyakenye.
Ngokusho kwakhe indodana yakhe yagcina ukubonakala ihamba nabangani ebisebenza nabo egaraji likaphethroli, eHammarsdale kunguLwesihlanu entathakusa.
“Esinye sezihlobo zethu sathola ucingo olwaluvela komunye walaba bafana ayehamba nabo bembuza ukuthi uyephi. Baphinda bashayela nezinye izihlobo zethu bethi bafuna ukuzwa ukuthi ubengazange yini afike ngoba bona bagcine ukumbona behamba naye ngesikhathi besethaveni esenamba 4 eMpumalanga,” kusho uNkk Memela.
Uthe kuze kube manje abatholi mkhondo obaholela ekutheni bamthole kanti bakhathazekile ngoba abangani bakhe abafuni ukuphumela obala ngokuthi kwenzekani kuyena.
UNkk Memela uthe okunye okubakhathazayo ukuthi abangani bakhe ayehamba nabo bafika bephethe neselula yakhe.
Uthe uma bebabuza ukuthi bayitholaphi iselula yakhe bathi nguyena obanike yona ngaphambi kokuthi bahlukane naye ngoba esephuze kakhulu.
“Okusixakayo ukuthi kwenziwa yini bamshiye kodwa bathathe iselula yakhe ngoba bethi uphuze kakhulu. Kwakwenziwa yini bangakwazi ukubuya naye bese bemshiya lapho ababehlala khona,” kusho uNkk Memela.
Uqhube wathi okunye okubakhathazayo ukuthi yibona abayobika emaphoyiseni kuqala ngaphambi kokutshela umndeni wakhe ukuthi badukelene naye.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Thulani Zwane, ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa ayaphenya ngokunyamalala kukaMemela ongakatholakali.
Unxuse noma ubani onganolwazi olungaholela ekutholakaleni kwakhe ukuthi athinte amaphoyisa aseMpumalanga ku-031 771 8000/5 noma bashayele inombolo yokubika izigameko zobugebengu ku-08600 10111