Okungenziwa izithandani kungafak’imali
ABASHADIKAZI asebehlale iminyaka engu-15 beshadile, uMonwabisi noPhindi Grootboom, sebeveze ukuthi njengoba kusasa kuwusuku lwezithandani iValentine, kuningi okungenziwa abathandanayo bengachithanga nesenti ukuze bajabule.
UMo noPhindi bathi injabulo ephakathi kowesilisa nowesifazane abasothandweni iphakathi kwabo bobabili kodwa imfihlo enkulu ukuthi banikane isikhathi bebobabili.
Laba bathi njengoba kusasa uthando luzobe luvutha amalangabi kwabaningi, akuyena kuphela oyedwa okumele azixake ngokujabulisa isithandwa sakhe kodwa wonke umuntu.
“Iningi labesifazane livele licabange ukuthi akumele lenze lutho ngalolu suku kodwa konke kumele kube amandla omuntu wesilisa okuyinto engelona iqiniso. Wonke umuntu osothandweni kumele asijabulisa isithandwa sakhe,” kusho uPhindi.
UMo uthe yize abantu besilisa abanye bengazinaki izinsuku ezifana nalezi kodwa ukuzinika isikhathi bajabulise abesifazane babo kungasho lukhulu kubona.
“Indoda nayo iyakuthanda ukujatshuliswa, lokho abantu besifazane kumele bakunake kakhulu. Nawo amadoda ngalolu suku akumele alindele ukuthi unkosikazi uzopheka alungiselele izingane bese ekugcineni esekhathele umjabulisa ngenkonzo yasekamelweni kodwa nendoda kungaba iyona eyenza okujwayelwe ukwenziwa unkosikazi ekhaya ukuze kube mnandi ekhaya,” kuchaza yena.
Nazi ezinye izinto laba abazivezile ukuthi izithandani zingenzelana zona ngaphandle kokuchitha imali.
-Ukuhlanganyela ndawonye nipheke ukudla kwasebusuku ngaphandle kokuya emahhotela abizayo.
-Ukuhambisa abantwana nisale nobabili nibe nezingxoxo ezijulile ngomshado noma ngobudlelwane benu bezothando, okuyinto engavuselela uthando.
-Ukuyozihlalela epaki nixoxe ngezinto ezihlukene nidla u-ice cream.
-Ukufaka incwadi ebhalwe amagama amnandi othando esikhwameni noma ebhulukweni lesithandwa sakho uma siya emsebenzini.