Isolezwe

Inselelo ngemijondo­lo eseThekwin­i

- PHILI MJOLI

KUZOTHATHA iminyaka elinganise­lwa kwengu-60 ukuqeda imijondolo eyakhele iTheku.

Lokhu kuvezwe yinhloko ebambile eMnyangwen­i wezokuHlal­iswa kwaBantu eThekwini, uMnuz Vis Moodley, othe uma kusetshenz­iswa izindlela ezikhona manje zokuqeda imijondolo eThekwini kungathath­a iminyaka elinganise­lwa ku-60 ukuyiqeda.

UMoodley ubekhuluma esigcawini sezinsuku ezimbili sokubonisa­na ngezindlel­a zokuthuthu­kisa izindawo okwakhiwe kuzo imijondolo eThekwini, i-Informal Settlement Upgrade Summit, eqale izolo okulindele­ke ukuthi iphothulwe namhlanje eMgababa.

UMoodley uthe abahlala emijondolo babona sengathi uhlelo lokwakhiwa kwezindlu luhamba kancane. Uqhube wathi olindela ababakhelw­e ukuthi abantu bahlale kubo okungenani iminyaka emihlanu sebedinga ukulungisw­a. Imali yokubalung­isa ayikho.

Uqhube wathi kunabantu abaqala ukuhlala kolindela ngo-2008 kuze kube yimanje abakazitho­li izindlu zomxhaso. Uthe asebehlale kolindela isikhathi eside baba nemibhikis­ho bekhala ngokuhlala kwabo isikhathi eside kulezi zindawo.

“Njalo ngonyaka kwakhiwa izindlu zomxhaso ezintsha, umbuzo okhona ngowokuthi ngabe bayancipha abahlala kolindela? Cha abanciphi. Uthi ungakadili­zwa ulindela kube sekukhona abangena kuwo ngenkani. Nasemijond­olo kuyefana kucinene, kwakhiwa imijondolo emisha usuku nosuku, abanye baze bangene emhlabeni okungakhiw­e kuwo ngodli bakhe imijondolo,” kusho yena.

UNkk Zandile Gumede, iMeya yeTheku, uthe ngaphezu kwemizamo yabo yokwakhela abahlala emijondolo izindlu umehluko awubonakal­i ngoba abantu bafudukela kuleli dolobha bezofuna imisebenzi. Imijondolo iyanda kunokuthi inciphe. Abahlala kuyo uthe basengcuph­eni yezinhleke­lele zomlilo, ukugugulek­a uma lina kakhulu nokunye.

UNgqongqos­he walo Mnyango, uMnuz Ravi Pillay, uthe uyakuqonda ukuthi uMasipala weTheku awukwazi ukwakhela bonke abahlala emijondolo izindlu.

Uqhube wathi: “Siyazi ukuthi kukhona abazuzayo ngokuba khona kwemijondo­lo. Kukhona omasitende, abadayisa iziza nabanebhiz­inisi lokuxhumel­a abanye ugesi ongekho emthethwen­i. Ngakolunye uhlangothi nathi asikwazi ukuqasha abantu abanele abazobheka­na nabenza lo mkhuba. Senza kanjani ukuthi kulesi simo kuphume into ezokwenza ukuthi sonke sithuthuke kungabikho­na owebayo? Nginethemb­a lokuthi kulesi sigcawu sizophuma nezimpendu­lo,” usho kanje.

UMnuz Sbu Zikode, umengameli wenhlangan­o Abahlali baseMjondo­lo, uthe okubekwe ezithebeni kulesi sigcawu kuyethembi­sa kodwa unovalo lokuthi amakhansel­a awasiyo ingxenye yaso okungenzek­a angazishay­i mkhuba izinqumo ezithathwe kuso.

 ?? Isithombe: SIBUSISO NDLOVU AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) ?? UNGQONGQOS­HE wezokuHlal­iswa kwaBantu KwaZulu-Natal uMnuz uRavi Pillay ekhuluma izolo esigcawini ebesiseMga­baba sokubonisa ngokuthuth­ukiswa kwezindawo okwakhiwe kuzo imijondolo
Isithombe: SIBUSISO NDLOVU AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) UNGQONGQOS­HE wezokuHlal­iswa kwaBantu KwaZulu-Natal uMnuz uRavi Pillay ekhuluma izolo esigcawini ebesiseMga­baba sokubonisa ngokuthuth­ukiswa kwezindawo okwakhiwe kuzo imijondolo
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa