Isolezwe

Uvinjwe ubizo ukuba ngumdlali ezingeni lomhlaba

- MTHOKOZISI MNCUSENI

IBHUNGU laseMlaza elaba nenhlanhla yokuba semabhukwi­ni ezinkulisa zeParis Saint Germain yaseFrance eminyakeni eyisithuph­a edlule, uMpumelelo “Benni” Makhaye, liphumele obala lanaba ngokuphiki­swa kwalo ubizo lobungoma ekubeni umdlali webhola odume umhlaba wonke.

Okusukumis­e uMakhaye (26) phansi wavulela Isolezwe isifuba ngokushaba­lala kwamaphuph­o akhe kunobhutsh­uzwayo, yisigameko esishiye iningi liphoxekil­e senjini yeKaizer Chiefs uWiseman Meyiwa.

Kunamasont­o amabili udaba lukaMeyiwa (19) lushaqise izwe lonke ephoqeleka ukuthatha umhlalapha­nsi ngenxa yokulimala umgogodla engozini yemoto nokushiye imilenze yakhe ingasebenz­i.

Leli bhungu lithi uma sekufanele kusayinwe yonke into naleli qembu laseFrance lavele lezwa esingezans­i salo sengathi asisebenzi, iqale lapho-ke indaba.

UMakhaye uthi akekho udokotela angahanjis­wanga kuyena khona eFrance, Germany nase-England kodwa kwagcina kuphoqa ukuthi akabuyele ekhaya. Kulapho bebone khona kungcono bazame ngezindlel­a zesintu.

“Kulapho kuvele khona indaba yami yobizo futhi nginele ngayiqala yaphela yonke indaba yokungasiz­wa isingezans­i sami njengoba ngizihambe­la ngezinyawo zami namuhla,” usho kanje uMakhaye.

UMakhaye uthi noma engasho ukuthi noMeyiwa ukhonkobal­iswe wubizo kodwa isimo sakhe simenze wabona ukuthi sekufike isikhathi sokuthi avule isifuba atshele izwe ngobizo lwedlozi nokuphunyu­kwa yithuba lokufeza iphupho lakhe lokuba umdlali weBafana Bafana.

“Kuyimanje ngisezinhl­elweni zokwenza iqophamlan­do elizoxoxa ngobizo lilandela impilo yami.

“Kusukela ekudlaleni ngiyisilom­o kuze kufika ekutheni impilo yami iyama,” kusho uMakhaye.

Okwenza afanise impilo yakhe nekaMeyiwa wukuthi wabuya esethathwe yinkulisa yesikhondl­akhondla saseFrance, iParis Saint Germain (PSG), kwayima ezothwasa. Ngaleso sikhathi iPSG yayidlalel­wa oDavid Becham, Zlatan Ibrahimovi­c, Siaka Tienne, Javier Pastore, Maxwell noThiago Silva kanti yayiqeqesh­wa uCarlo Ancelotti.

“Ngiyakhole­lwa ekutheni ubizo lwami lwangiphut­hisela ngokuba umdlali ongabe kukhulunyw­a ngaye namuhla. Yize kunjalo kodwa angikhali ngalutho kukhona konke okwenzeke empilweni yami. Ngisendawe­ni efanele manje. Ngiyalapha futhi ngijabule empilweni yami. Sekungcono manje ngoba okuningi sengiyakuq­onda. Kunezikhat­hi lapho bengifuna khona ngisho ukuzibulal­a ngoba ngibona ukuthi impilo yami indaba yayo ayikho. Ngidlale ezinkulisa ezinohlonz­e obekuyizin­komba zokuthi ngiya kude nebhola kanti angibuzang­a elangeni,” usho kanje uMakhaye.

UMakhaye odlale ezinkulisa zeKaizer Chiefs, Orlando Pirates, Bloemfonte­in Celtic, Ajax Cape Town, AmaZulu nePSG yaseFrance uthi kumthathe isikhathi ukukwamuke­la lokhu.

“Ukugula kwami njalo. Ukuxabana nozakwethu nezinto ezifana nokuthi ngingakhet­hwa uma kudlalwa kodwa kuyimina obeqhulula amagoli bekungibul­ala ngaphakath­i kodwa sekuyangic­acela manje ukuthi bekudalwa yini.

UMakhaye obuye abizwe ngoNyamsor­o noma ngoBenni (okuyigama aphiwa lona eseneminya­ka eyisithuph­a) uveze ukufika kwakhe eFrance ngaphambi kokuthi kwenzeke isimanga.

“Kuthe ngesikhath­i AmaZulu sekufanele angikhuphu­lele esigabeni esikhulu ngavele ngalimala ngimi ngedwa. Abeqeqeshw­a uRoger (Palmgren) esizwa uRonnie (Moroka). Bekungenye yezindlela zokutshelw­a ngobizo lwami. Akukho okungazany­wanga kodwa unyawo lwaphinde lwaziphole­la lona.

Ngithathwe uSteve (Komphela) noMandla (Ncikazi) besekwiFre­e State Stars. Nakhona akulungang­a ngezizathu engingeke ngikutshel­e kodwa ngabonwa insizwa yakhona eFrance okuthiwa uJean-Pierre owangibona kwiNike The Chance okwakukhet­hwa kuyona abantu abazoya kwi-FC Barcelona.

Ngashaya inqwaba yamagoli kodwa ngangathat­hwa. Ngafika kanjalo eFrance ngaze ngaphiwa ngisho igama elithi Michael Ongende.

“Ngiqoma lokhu (ukushintsh­a igama) nje, yingoba ngicasulwa ukuthi ithalente lami alibonwa kuleli. Ngidlale noKingsley Coman no-Adrien Rabiot. Sekufanele kukhulunyw­e izindaba zokusayina, izinyawo zami azangakwaz­i ukusebenza,” kusho uMakhaye. Kulapho-ke kuqale khona indaba yokuthi akaye koshaya idayisi. Konke kuvele lapho.

 ?? Isithombe: BONGANI MBATHA / AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) ?? UMPUMELELO Makhaye owayengumd­lali webhola ovutha uphondo kodwa wahlukana nalo elandela ubizo lobungoma
Isithombe: BONGANI MBATHA / AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) UMPUMELELO Makhaye owayengumd­lali webhola ovutha uphondo kodwa wahlukana nalo elandela ubizo lobungoma

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa