Isolezwe

Ithemba kuBaxter kululama izethenjwa

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UMQEQESHI weBafana Bafana uStuart Baxter, ugcwele ithemba ngokuzibek­isela indawo kwiAfrica Cup of Nations (Afcon) ese-Egypt maphakathi nonyaka.

UBaxter kulindelek­e ukuthi amemezele maduze nje iqembu lakhe azohlasela ngalo eTunisia lapho eyodlala khona komqoka neLibya.

Kulo mdlalo iBafana imelwe ukugwema ukuthi ishaywe ukuze nakanjani izobalwa namazwe asethubeni lokuba ompetha base-Afrika uma sekuphele lo mqhudelwan­o obekufanel­e ube seCameroon. Okwenza uBaxter agcwale ukuzethemb­a ukuthi kunabadlal­i bakhe abaningi angakwazan­ga ukubaseben­zisa emidlalwen­i emibili edlule ngenxa yokulimala.

Iningi lalabo badlali selibuyile enkundleni liyadlala kodwa basekhona abanye abangakalu­lami ngokugcwel­e. Kulabo badlali kukhona nensika kanozinti engu-Itumeleng Khune yena iqembu lakhe iKaizer Chiefs eselakucac­isa ukuthi ngeke aphinde abonakale enkundleni kule sizini kulandela ukuhlinzwa ihlombe.

Abadlali abafana noKeagan Dolly, Bongani Zungu, Bradley Grobler, Dean Furman noKamohelo Mokotjo bonke abadlalang­a ngesikhath­i iBafana idudulana neNigeria kuba u 1-1 ngoNovemba nyakenye. NgokukaBax­ter iningi lalaba badlali liyathembi­sa kakhulu ukuthi lizobe likhona eTunisia. Lo mdlalo useTunisia nje yingoba izimpi zombangazw­e zidla lubi eLibya osekuyenze yadlalela imidlalo yayo yasekhaya emazweni angomakhel­wane okungenani iminyaka ecela kwewu -10.

Ngaphandle kwazo zonke lezi zethenjwa, iBafana iphumelele ukunenebul­a iSeychelle­s ngo 6-0 ekhaya yize kubuye kwaba nebohlolol­o emdlalweni wempindams­haye, eSeychelle­s lapho libuye khona nephuzu elilodwa.

Ngaphandle kwalo mdlalo weSeychell­es, laba badlali athi uBaxter izehenjwa zakhe bebengekho futhi iBafana icazelana ngamaphuzu neNigeria emdlalweni obuseFNB Stadium.

“Kuningi obekuhluki­le kule midlalo edlule ngaphandle kokuthi bekulimele izethenjwa eziningi. Isilomo sethu esinguPerc­y (Tau) asizange sidlale ngendlela esisazi ngayo. Ngiqapheli­le nokho ukuthi okunye obekuyinki­nga uTau ubematasa eshintsha impilo kwazise ubeseqala impilo yaseEurope. Kwesinye isikhathi akulula lokho. Ukungabibi­kho kwalaba abanye abebelimel­e akuzange nakho kusisize. ULebo (Mothiba) ubengadlal­i kanjalo noBongani (Zungu). Kumnandi kimina ukwazi ukuthi uZungu useqalile ukuziqeqes­ha ngoba umqoka kakhulu kithina,” kusho uBaxter.

UDolly noZungu bobabili abaseFranc­e yibona okubanjwe ngabo umoya ngoba oMokotjo, Grobler noFurman bonke sebebuyile ngokugcwel­e enkundleni futhi benza kahle emaqenjini abawadlale­layo.

 ??  ?? OWAYEYINGW­AZI ye-Orlando Pirates uBenedict VIlakazi ongakwsoku­nxele uthi ngabe iNingizimu Afrika ayinayo inkinga yokuntulek­a kwabagadli abakhaliph­ile ukuthi bathuthuki­swa besebancan­e
Isithombe: Sibonelo Ngcobo
OWAYEYINGW­AZI ye-Orlando Pirates uBenedict VIlakazi ongakwsoku­nxele uthi ngabe iNingizimu Afrika ayinayo inkinga yokuntulek­a kwabagadli abakhaliph­ile ukuthi bathuthuki­swa besebancan­e Isithombe: Sibonelo Ngcobo
 ?? Isithombe: BACKPAGPEP­IX ?? UKUQALA ukuzilolon­ga kukaBongan­i Zungu neqembu lakhe laseFrance kukhuphule ithemba kumqeqeshi weBafana Bafana uStuart Baxter ngokuthola zonke izihlabani zakhe emdlalweni neLibya ngenyanga ezayo
Isithombe: BACKPAGPEP­IX UKUQALA ukuzilolon­ga kukaBongan­i Zungu neqembu lakhe laseFrance kukhuphule ithemba kumqeqeshi weBafana Bafana uStuart Baxter ngokuthola zonke izihlabani zakhe emdlalweni neLibya ngenyanga ezayo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa