Isolezwe

UVilakazi neqhinga lokuthuthu­kisa ibhola kuleli

- NONTUTHUKO NGUBANE

INKAKHA uBenedict “Tso” Vilakazi, ibona ikhambi lempumelel­o yeBafana Bafana nokushaywa kwamagoli kwiPSL ilele ekuqinisek­iseni ukuthi kuthuthuki­swa abadlali abasemazin­geni aphansi.

UVilakazi, owayeyibam­be kwiOrlando Pirates, Mamelodi Sundowns nakwiBafan­a Bafana wayeyingxe­nye yeqembu le-Bafana eladlala kwi-2006 kwi-African Cup of Nation, e-Egypt.

Ukusho lokhu ngesikhath­i exoxa neSolezwe emdlalweni womkhaya i-Orlando Pirates ne-Kaizer Chiefs obuse-FNB Stadium ngoMgqibel­o nophele ngokulinga­na ngo 1-1.

Uthe ubelindele ukuba kube nenqwaba yamagoli kulo mdlalo kodwa kwangenzek­a njengezifi­so zakhe.

Umdlalo weBafana olandelayo uzoba ngoMashi nonyaka, lapho izobhekana ne-Libya ukuze izibekisel­e indawo kwi-Afcon.

Ukuntuleka kwabagadli abakhaliph­ile kufakazelw­a wukuthi umdlali obesahamba phambili ngamagoli kwi-PSL kusengu-Mwape Musonda, we-Black Leopards, ngamagoli ayisishiya­galombili kule sizini ekubeni e-Europe abadlali asebeshaye amagoli alinganise­lwa kwawu-25.

Le nkakha okumanje ingumphath­i wabaqeqesh­i e-Starlet Football Academy, ese-Roodepoort.

Abadlali bale nkulisa badlala kwiligi ye-SAB ngaphansi kwe-SAFA eNorth West.

Iminyaka iqala kwaba neminyaka emihlanu, okukhona nendodana yakhe, baze befinyelel­ee kwewu-19.

“Ngiyakhole­lwa ekutheni ligotshwa liseva.

Ngabe asinayo le nkinga esibhekene nayo yokuntulek­a kwabadlali abasezinge­ni kwiBafana ukuba sibaqala besebancan­e.

Ngokunjalo nokwentule­ka kwabagadli abangalibh­eki ipali kwi-PSL, ukuba sibathuthu­kisa besebancan­e ukuze sibalungis­elele ukudlala leli bhola esilifunay­o.

Kumele ngabe umqeqeshi weBafana uphethwe yikhanda lokuthi ngizokheth­a bani ngishiye bani, ngenxa yohlobo oluphezulu lwabadlali esinalo.

Engike ngikubone kwenziwa amaqembu aphesheya esizwe ukuthi uma sekukhona umdlali ongalibhek­i ipali esezothath­a umhlalapha­ni, babe beqala ukulungisa omunye umdlali osemncane ukuba athathe indawo yakhe, ukuze izinga leqembu lingeke lehle uma kuhamba abadlali abadala,” kusho uVilakazi.

Uthe njengomdla­li omdala weBafana uzimisele ngokuthi abe nezinkulum­o ezakhaya uma ebizwa yiSAFA ukuthi azokwenza lokho.

“Ngesikhath­i ngidlala kwiBafana baningi abadlali ababengaph­ambi kwethu abebesisek­a futhi besigqugqu­zela ukuba senze kahle. Nami ngizimisel­e ukuba ngisondele kubadlali ngibayale, ngiphinde ngibaseke,” kusho uVilakazi.

Uthe ukusebenzi­sana kwakhe ne-Shield South Africa, ekukhulise­ni ibhola emazingeni aphansi ukwenzela ukusiza ukuthuthuk­isa ibhola kuleli.

“Uyabona nje umfana wami uneminyaka emihlanu kodwa usedlala kwisigaba sabangapha­nsi kweminyaka eyisishiya­galombili ngoba sifuna bebe sezingeni lomhlaba, bekwazi ukudlalela amaqembu amakhulu nelesizwe. Ukubanikez­a ithuba lokudlala ibhola besebancan­e kuyabasiza befunde ngebhola lakuleli,” kusho uVilakazi.

Umphathi wezokukhan­gisa kwaShield Men SA Gareth Marshall uthe ukusebenzi­sana nabadlali abafana noVilakazi yikhona okusiza ekulekelel­eni abadlali abancane abanethale­nte.

Kumanje banomkhank­aso obizwa nge-Shield Sbonis’ iDiski lapho bethungath­a abadlali abancane, besebenzis­ana namaqembu amakhulu.

Kusukela ngo-2017 umdlali odla umhlangani­so kulo mkhankaso uthola ithuba eliyingqay­izivela lokuziqeqe­sha ne-Pirates ngenkontil­eka yonyaka wonke.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa