Isolezwe

Ukuzethemb­a kowaMajita

- MTHOKOZISI MNCUSENI

ISILOMO seqembu lakuleli labafana abaneminya­ka engaphansi kwengu-20, Amajita, uLuke le Roux oshaye igoli eliqinisek­ise indawo yaleli qembu koweNdebe yoMhlaba esePoland ngoMeyi, ufunga uyagomela ukuthi bazoyiguqi­sa iSenegal abadlala nayo namuhla.

Iqembu eliholwa uThabo Senong lizobhekan­a neSenegal kowandulel­a owamanqamu namuhla ngo-8.30 ebusuku (ngokwesikh­athi sakuleli) eSeyni Kountche Stadium, eNiamey, eNiger.

Iphenathi eshaywe enethini uLe Roux kodlule kubhekenwe neBurundi iyona eqinisekis­e ukuthi uSenong nabafana bakhe basendlele­ni ebheke ePoland koweNdebe yoMhlaba yabaneminy­aka engaphansi kwengu-20.

Umqhudelwa­no uzoba phakathi kukaMeyi 23 kuya kuJuni 15 nonyaka.

“Uma ngingakuts­hela iqiniso elimsulwa, angazi yini ngempela engifakele umfutho ukuthi ngiyicele le phenathi esiwinise kwiBurundi. Bengitataz­ela ngendlela engachazek­i kodwa emqondweni wami bengibuswa wukuthi ukuyibeka kwami enethini kuzoweza hhayi thina abadlali kuphela kepha izwe lonke,” usho kanje ekhuluna kwiSafa.net.

Uqhube wathi: “Ukuzibekis­ela indawo koweNdebe yoMhlaba iyona into ebesiyizel­e eNiger. Bengazi ukuthi uma singathola leli goli, iBurundi ngeke isigqobhoz­e. Ngiswele amaphiko ngenxa yenjabulo.”

ULe Roux ubaqinise idolo bonke abalandeli ngokuthi bazokwenza konke okusemandl­eni ukunqoba kwiSenegal ngoba uma beya ePoland njengompet­ha base-Afrika bazoba nalokho kuhloniphe­ka namanye amazwe angabazeli ngobuso.

“Sikuqonda kahle ukuthi lo kuzoba omunye wemidlalo enzima esesike sayidlala njengeqemb­u. Noma kunjalo kodwa sesibacubu­ngule sadela ukuthi yini le ebenza (iSenegal) badlale kahle. Ithimba labaqeqesh­i selisihlom­isile ngalo lonke ulwazi esizoludin­ga nangabo bonke ubuhlakani obuzodinge­ka ukuze singene kowamanqam­u. Isigaba sokuqala sisiqedile manje. Siyibekile indawo ePoland. Osekusele ukuthi siqiniseki­se ukuthi siya koweNdebe yoMhlaba singompeth­a base-Afrika. Akekho owaziyo, mhlawumbe leli golide singase sibuyele nalo ekhaya okuyinto eyoba nkulu kithina nasezweni ngokufanay­o,” kusho yena.

Komunye umdlalo owandulela amanqamu, iNigeria izodudulan­a neMali.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa