Udinga omunye umqeqeshi ngenxa yeSimo
UMQEQESHI weReal Kings, uSimo Dladla, uvuma eyokuthi udinga omunye umqeqeshi onamava ebhentshini lakhe ngoba izinto kazihambi kahle kwezakhe eziyibambe emsileni kwi-log yeNational First Division (NFD).
Ukushaywa yiTS Galaxy ngo 1-0 ngempelasonto kushovele emsileni ezikaDladla ezidonsa kanzima selokhu kuqale isizini. Abaningi sebengaphika ukuthi iyona le iKings elale isine kwi-log ngesizini edlule.
UDladla uthe nakuba ezizwa ethobekile ukuthi abaphathi beqembu nethimba asebenzisana nalo bayameseka ekutheni angaqhubeka nokuqeqesha iKings kodwa ukholelwa ekutheni kudingeka umqeqeshi omunye onamava eNFD, ozofika namanye amaqhinga.
“Sisebenzisana kahle noSkebhe Khenyeza ongumqeqeshi wonozinti. Ngiyawubona umsebenzi wakhe futhi nonozinti bami sebengcono kakhulu uma beqhathaniswa nokuqala kwesizini. Nokho ngiyakholelwa ekutheni ngidinga omunye umqeqeshi onamava eNFD futhi esizobambisana kahle naye ngoba iqiniso wukuthi indawo iqembu elikuyona ayiyinhle neze,” kusho uDladla.
Ebuzwa ukuthi ngabe wubani umqeqeshi anaye emqondweni uDladla uphumele obala ngenkumbulo yakhe yomqeqeshi oseyiphini kwiMaritzburg United, uSiyabonga Mdluli.
“Uma izikhathi zinzima kanje, ngiyaye ngikhumbule isosha lami esisuka kude nalo neqembu. Loyo nguMdluli, osetohoza kwiMaritzburg. Sisuka kude naleya nsizwa. Saqala iqembu lidlala kwi-ABC Motsepe, salikhuphula salifaka kwiNFD.Isizini yethu yokuqala siyidlale naye lapha ngaphambi kokuthi abuyele kwiMaritzburg. Sakha naye uhlaka lokuqeqesha iqembu, indlela esifuna ukudlala ngayo nokunye okuningi. Kodwa-ke ebholeni kunjalo, kuyakhulwa,” kusho uDladla.
Uthe unalo ithemba lokuthi bazophuma endaweni embi kwi-log.
“Kungiqinisa idolo ukuthi imidlalo yethu emibili esizoyidlala kule nyanga sizoyidlalela ekhaya. Ngicabanga ukuthi kufanele sithole amaphzuu aphelele kumnyama kubomvu. Ngigculisekile yindlela iqembu elidlala ngayo, yikona nje ukuthi sishaywa izinto ezimbalwa,” kusho uDladla.
IKings izobhekana neMaccabi FC ngoMgiqbelo eSugar Ray Xulu Stadium. Kuzolandela umdlalo ezowudlala neRoyal Eagles eChatsworth Stadium ngoMashi 3.