UXOLELWE UKAPUTENI WE-BLACK LEOPARDS
UPOTSHOZA akayazi into engenele amaqembu aseLimpopo ngempela. Amandla kulezi zinsuku ‘ajezisa’ abadlali bawo ngokubadlisa amaayasi ngoba kuthiwa adinwe ukuthi basayiniswe ngamanye amaqembu njengoba bekuvulwe iwindi lokuhwebelana ngabadlali ngoJanuwari. Ngemuva kokuthi iPolokwane City ishude ngaphandle umgadli wayo uRodney Ramagalela ngoba esayine neHighlands Park, omakhelwane bayo iBlack Leopards nabo benze esefanayo bexabana nokaputeni wabo uMarks Munyai naye osolwa ngokusayina neLions of the North. Nokho leli xhengu elinguPotshoza lijabulile selifunda umbiko website iLimSportszone, kuthiwa uMunyai nozakwabo uPhathutshedzo Nange sebekhumelane umlotha neqembu. UNange yena kuthiwa usayine isivumelwano neBidvest Wits. Ekhuluma nabezindaba ngaphambi komdlalo wanamuhla neWits weNedbank Cup Last 16, umqeqeshi uDylan Kerr uthe: “UMarks Munyai ngimbuyise ngoba ungumdlali omqoka esikwatini noma ngabe usesayine naliphi iqembu okuyinto engekho ezandleni zami, ukhona kulabo engizokhetha kubona iqembu. UPhathu yena owe kabi ejimini ngoMgqibelo wase ethinteka endololwaneni,” kusho uKerr.
Kuyilungelo labadlali ukusayina namaqembu abanika lokhu abakudingayo ngoJanuwari uma bengaseneme lapho bekhona, ngakho izikhulu zebhola nabaqeqeshi kuzomele bayuyeke lo mkhuba omubi wokubagwema ngokubakhuhlisa ibhentshi. Siyathemba ukuthi nakwiCity imiqondo izibuya, uRamagalela avunyelwe ukuziqeqesha nozakwabo njengoba kuthiwa umisiwe. phesheya.
“Phesheya kudingeka abadlali abakwaziyo ukumelana nobunzima. UManyama akayena omunye walabo badlali. Uyalazi impela ibhola. Kodwa ubehlala ezithulele ngaso sonke isikhathi. Ngimangele ngimbona lapha eMzansi ukuthi kanti uyakwazi ukukhuluma,”kusho u-Eto’o.
Le ngwazi iphawule ngokuhlwithwa kweCameroon ilungelo lokusingatha umqhudelwano i-Africa Cup of Nations.
“Angiphathekile kabi. Iminyaka emibili yisikhathi esincane kabi. Lokhu kusinika ithuba elanele lokulungisa konke obekungalungile,”kusho u-Eto’o