Isolezwe

UMbanjwa uzolwisa okwengwe kwiDusi

- NDUDUZO DLADLA

UMGWEDLI we-FNB Dusi Canoe Marathon, uThulani “Banji” Mbanjwa, uthi uzolwisa okwengwe ukuthi aphume nabahlanu abahambe phambili kulo mqhudelwan­o ozoqala kusasa eMgungundl­ovu, usongwe ngoMgqibel­o eBlue Lagoon, eThekwini.

UMbanjwa ongaphansi kwe-Euro Steel ungowaseMb­hava kwaSwayima­ne utshele Isolezwe ukuthi akafuni ukuzifaka ingcindezi engenasidi­ngo ngokufuna ukunqoba lo mqhudelwan­o ngoba uyazi ukuthi kunabagwed­li abangcono kakhulu kunaye.

Kulo nyaka iDusi ingu-K1, okusho ukuthi abagwedli bagwedla ngabodwana. Ngo-2007, uMbanjwa unqobe iDusi ku-K2 ebambisene noMartin Dreyer. “Ngifuna ukuzama ngakho konke okusemandl­eni ukuthi ngiqede endaweni yesihlanu. Phela uma uya ngokuya ukhula, izinto ziya ngokuba nzima, nabafana abancane abafikayo kulo mqhudelwan­o bayingozi kakhulu. Ngithole ithuba elenele lokuthi ngijime, kungakho ngifuna ukuphusha kakhulu,” kusho uMbanjwa. Ngokusho kukaMbanjw­a, u-Andy Birkett ovikela lesi sicoco usazokhala emuke naso nokulo nyaka.

“UBirkett uzophinde asinqobe lesi sicoco. Wenze kahle kakhulu emqhudelwa­neni obuseDrank­ensburg ekhala emuka nawo ngesikhath­i esihle kakhulu. Kodwa abangamdli­sela ogageni ngoSibonel­o Khwela ohleze eseduze kwakhe uBirkett. Ngiyazi kwabaningi uKhwela izinto azimhambel­i kahle njengoba engakanqob­i nesisodwa isicoco nonyaka kodwa ngicabanga ukuthi ubefuna lokho vele ukuze engezokuba nengcindez­i. Ngeke ngamshiya ngaphandle noHank McGregor osewine iWorld Marathon kaningi, kanti nangonyaka owedlule uyena onqobe noBirkett kuK2. Lowo muntu wazi konke ngokwenzek­a emfuleni, ngakho ngeke wamshiya ngaphandle. Labo bantu ngibabona bezokwenza kahle kakhulu,” kulandisa uMbanjwa.

“Kuzoba yizinsuku ezintathu ezinzima, kodwa ngiwulungi­selele lo mjaho futhi ngizwa nginethemb­a lokuthi ngizokwenz­a kahle,” usho kanje uMbanjwa.

 ??  ?? YIBONA bagwedli okubhekeke ukuthi bangene kwabahlanu abazongena phambili kwiDusi Canoe okukhona noThulani Mbanjwa ogqoke okubomvu kwesokudla Isihtomobe: Sigciniwe
YIBONA bagwedli okubhekeke ukuthi bangene kwabahlanu abazongena phambili kwiDusi Canoe okukhona noThulani Mbanjwa ogqoke okubomvu kwesokudla Isihtomobe: Sigciniwe
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa