Isolezwe

Ungenzeka umlingo koweMagic neChiefs?

- LUNGILE MAJOKA

UGeorge “Umadl’inyoka” Dearnaley uthemba ukuthi ezakhe iMagic FC zizolandel­a igama lazo uma sezibheken­e neKaizer Chiefs emdlalweni weLast 16 kwiNedbank Cup ngeSonto.

Umdlalo uzogijinyw­a eNelson Mandela Bay Stadium ngo-3 ntambama emuva kokuthuthe­lwa e-Eastern Cape ngenxa yokungatho­lakali kwezinkund­la eKapa okuyikhaya leMagic.

“Asinakho nokuncane ukuzikhohl­isa ngokuthi sizozenzel­a kwiChiefs. Lena yimpi yangempela kaDavid noGoliath. Kodwa-ke nathi siyolwa laphaya ngeke sibe yimvu yomhlatshe­lo. Uma sizimisela, sikhombisa ukuhleleka mhlawumbe kukhona esingakuth­ola. Into engiyithan­dayo ngebhola wukuthi kungenzeka noma yini futhi negama leqembu liyasho ukuthi Magic, okusho imilingo eyenzeka ebholeni efana nakho ukuthi iqembu elidlala kwi-ABC Motsepe (League) liqhathwe neKaizer Chiefs kodwa amaqembu o(Orlando) Pirates naMaZulu esephumile,” kusho uDearnaley obamba izintambo ebhentshin­i abuye abe ngumphathi weqembu.

Ngokwesibi­li kulandelan­a ukuthi iChiefs iqhathwe neqembu elidlala kuMotsepe League emqhudelwa­neni walo nyaka. Kwi-Last 32 ibambane kwakuncane indawo neTornado FC yase-Eastern Cape. Igcine idlule ngegoli okwaba wumkhonto owagwaze ekhaya. IMagic ishaye iMaccabi ngo 5-4 kumaphenat­hi.

UDearnaley ucabanga ukuthi lokhu kushikilis­wa yiTornado kuwavule amehlo Amakhosi.

“Mhlawumbe thina sisebhadin­i ngokuthi sidlale nabo ngemuva kokudlala neTornado. Ngeke besasibuke­la phansi bazofika kithina bevule amehlo.”

Phakathi kwabadlali bakhe ababheke ukuthi bahole iqembu enkundleni ubale uThando Mngomeni oke wagijima kwiSantos neBidvest Wits esigabeni esiphezulu.

NgokukaDea­rnaley, othenge iqembu ngo-2012, ukudlulela phambili kwiNedbank Cup kuzobajabu­lisa kodwa akafuni abadlali bakhe bakhohlwe wukuthi ukukhuphuk­ela kwiNationa­l First Division (NFD) yikhona okusemqoka.

“Ngijabule ngokuthi emuva komdlalo odlule weNedbank Cup sinqobe imidlalo emibili elandelile okusibeka endaweni yesibili kwi-log. Nakanjani kumele singene kweyokuhlu­ngela ukuya kwiNFD,” kusho uDearnaley.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UTHANDO Mngomeni owaduma kwiSantos nakwiBidve­st Wits ubhekeke ukuthi abengomuny­e wabadlali abahamba phambili kwiThe Magic FC uma isibhekene neKaizer Chiefs kwiNedbank Cup
Isithombe: BACKPAGEPI­X UTHANDO Mngomeni owaduma kwiSantos nakwiBidve­st Wits ubhekeke ukuthi abengomuny­e wabadlali abahamba phambili kwiThe Magic FC uma isibhekene neKaizer Chiefs kwiNedbank Cup
 ??  ?? LUKE LE ROUX
LUKE LE ROUX
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa