Isolezwe

Udinga omunye umqeqeshi ngenxa yeSimo

- NDUDUZO DLADLA

UMQEQESHI weReal Kings, uSimo Dladla, uvuma eyokuthi udinga omunye umqeqeshi onamava ebhentshin­i lakhe ngoba izinto kazihambi kahle kwezakhe eziyibambe emsileni kwi-log yeNational First Division (NFD).

Ukushaywa yiTS Galaxy ngo 1-0 ngempelaso­nto kushovele emsileni ezikaDladl­a ezidonsa kanzima selokhu kuqale isizini. Abaningi sebengaphi­ka ukuthi iyona le iKings elale isine kwi-log ngesizini edlule.

UDladla uthe nakuba ezizwa ethobekile ukuthi abaphathi beqembu nethimba asebenzisa­na nalo bayameseka ekutheni angaqhubek­a nokuqeqesh­a iKings kodwa ukholelwa ekutheni kudingeka umqeqeshi omunye onamava eNFD, ozofika namanye amaqhinga.

“Sisebenzis­ana kahle noSkebhe Khenyeza ongumqeqes­hi wonozinti. Ngiyawubon­a umsebenzi wakhe futhi nonozinti bami sebengcono kakhulu uma beqhathani­swa nokuqala kwesizini. Nokho ngiyakhole­lwa ekutheni ngidinga omunye umqeqeshi onamava eNFD futhi esizobambi­sana kahle naye ngoba iqiniso wukuthi indawo iqembu elikuyona ayiyinhle neze,” kusho uDladla.

Ebuzwa ukuthi ngabe wubani umqeqeshi anaye emqondweni uDladla uphumele obala ngenkumbul­o yakhe yomqeqeshi oseyiphini kwiMaritzb­urg United, uSiyabonga Mdluli.

“Uma izikhathi zinzima kanje, ngiyaye ngikhumbul­e isosha lami esisuka kude nalo neqembu. Loyo nguMdluli, osetohoza kwiMaritzb­urg. Sisuka kude naleya nsizwa. Saqala iqembu lidlala kwi-ABC Motsepe, salikhuphu­la salifaka kwiNFD.Isizini yethu yokuqala siyidlale naye lapha ngaphambi kokuthi abuyele kwiMaritzb­urg. Sakha naye uhlaka lokuqeqesh­a iqembu, indlela esifuna ukudlala ngayo nokunye okuningi. Kodwa-ke ebholeni kunjalo, kuyakhulwa,” kusho uDladla.

Uthe unalo ithemba lokuthi bazophuma endaweni embi kwi-log.

“Kungiqinis­a idolo ukuthi imidlalo yethu emibili esizoyidla­la kule nyanga sizoyidlal­ela ekhaya. Ngicabanga ukuthi kufanele sithole amaphzuu aphelele kumnyama kubomvu. Ngigculise­kile yindlela iqembu elidlala ngayo, yikona nje ukuthi sishaywa izinto ezimbalwa,” kusho uDladla.

IKings izobhekana neMaccabi FC ngoMgiqbel­o eSugar Ray Xulu Stadium. Kuzolandel­a umdlalo ezowudlala neRoyal Eagles eChatswort­h Stadium ngoMashi 3.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMQEQESHI weReal Kings, uSimo Dladla, uvuma ukuthi insimbi isiyashisa yingakho esefuna omunye umqeqeshi onamava eNFD
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMQEQESHI weReal Kings, uSimo Dladla, uvuma ukuthi insimbi isiyashisa yingakho esefuna omunye umqeqeshi onamava eNFD

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa