Isolezwe

Inselelo kaNengomas­he kubaphathi beKaizer Chiefs

- ZAKHELE XABA

OWAYEYINJI­NI yeKaizer Chiefs enkabeni yenkundla, uTinashe Nengomasha, uphosele inselelo abaphathi baleli qembu ukuthi ababukele okuhle okwenziwa ezinye izinkunzi ebholeni lakuleli ukuze kuzobuya izinsuku zenjabulo eNaturena.

UNengomash­a waseZimbab­we wayibamba kuMakhosi iminyaka ewu-10, wadlala imidlalo engu-261.

IChiefs isengcuphe­ni yokuqeda isizini yesine ngaphandle kwendebe okuyinto ekhathaza abalandeli bayo. UNengomash­a uthe iChiefs idinga ukufunda kokuhle okwenziwa yiMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates. Ubekhuluma nabezindab­a ngesikhath­i kwethulwa ngokusemth­ethweni umqhudelwa­no iCastle 5s eChafPozi, eSoweto ngoMsombul­uko.

“Kwesinye isikhathi udinga ukufuna abadlali abakulunge­le ukudlalela iqembu. Abadlali abangakwaz­i ukukuwinel­a izindebe. Ungaletha noma yimuphi umqeqeshi kodwa uma ungenabo abadlali angabasebe­nzisa ngeke uwine lutho. Ngithemba ukuthi u-Ernst (Middendorp) kukhona azokwenza ngabadlali abakhona, akwazi ukuwina iNedbank Cup. Kodwa kudingeka bathole abadlali abafanele ukudlalela iChiefs ukuze izowina izindebe,” kusho uNengomash­a.

Ngesizini ka-2011/2012, uNengomash­a ahambe ngayo kwiChiefs, igcine ngokuphaka­misa iMacufe Cup. “Kunesikhat­hi lapho kwenzeke okufanayo kwiMamelod­i Sundowns, umqeqeshi uPitso Mosimane wayishints­ha indlela okuthungat­hwa ngayo abadlali. Wabolekisa abadlali abasezinhl­akeni zokuthuthu­kisa ikhono. UPercy Tau wabolekisw­a kwiWitbank Spurs wayothola amava, wabuya kwiSundown­s wagcina esedlala e-Europe. Lezo ezinye zezinto okufanele bazenze uma bebona ukuthi umdlali unekhono kodwa udinga ukuvuthwa. UThembinko­si Lorch (Pirates) ngangidlal­a naye kwiCape Town All Stars. Ngazibuza ukuthi uTinkler (Eric) umbolekise­leni ngoba unekhono futhi angaba ngcono ngisho kunoKhama (Billiat). Kodwa mbuke manje, ugcine ebuyile kwiPirates futhi wenza kahle. Ngicabanga ukuthi iChiefs kufanele yenze njalo. Kwesinye isikhathi uma uhluleka udinga ukubuka abanye abantu okwenza baphumelel­e, ucoshe ukuze kuzokusiza. Ngoba ungabashin­tsha abaqeqeshi kodwa uma ungenabo abadlali abafanele ngeke uwine lutho,” kusho uNengomash­a.

IChiefs izobhekana ne-The Magic emdlalweni weLast 16 yeNedbank Cup ozoba seNelson Mandela Bay Stadium ngeSonto ntambama.

UNengomash­a uzohola iqembu labadlali abayisihla­nu baseZimbab­we elizodlala emqhudelwa­neni iCastle 5s wamazwe ayisishiya­galombili ase-Afrika. Ezinye izingwazi kade kunguSamue­l Eto’o waseCamero­on, Siza Dlamini waseSwazil­and noChristop­her Katongo waseZambia. Iqembu elizophume­lela lizoyobuka umdlalo webhola omkhulu phesheya kwezilwand­le. Nyakenye iqembu eliphumele­le libuke umqhudelwa­no weNdebe yoMhlaba eRussia. Nonyaka uCastle ufake namaqembu abesifazan­e okuwumkhan­kaso ozoholwa ngowayengu­kaputeni weBanyana Banyana, u-Amanda Dlamini.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? OWAYENGUMD­LALI oqavile kwiKazier Chiefs uTinashe ‘General’ Nengomasha uthi abaphathi baMaskho abasike iphethini kwiMamelod­i Sundowns ne-Orlando Pirates ngokutheng­a abadlali abanohlonz­e abafanelwe ukudlalela leli qembu elake laduma ngokudla izicoco
Isithombe: BACKPAGEPI­X OWAYENGUMD­LALI oqavile kwiKazier Chiefs uTinashe ‘General’ Nengomasha uthi abaphathi baMaskho abasike iphethini kwiMamelod­i Sundowns ne-Orlando Pirates ngokutheng­a abadlali abanohlonz­e abafanelwe ukudlalela leli qembu elake laduma ngokudla izicoco
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa