Isolezwe

UXOLELWE UKAPUTENI WE-BLACK LEOPARDS

-

UPOTSHOZA akayazi into engenele amaqembu aseLimpopo ngempela. Amandla kulezi zinsuku ‘ajezisa’ abadlali bawo ngokubadli­sa amaayasi ngoba kuthiwa adinwe ukuthi basayinisw­e ngamanye amaqembu njengoba bekuvulwe iwindi lokuhwebel­ana ngabadlali ngoJanuwar­i. Ngemuva kokuthi iPolokwane City ishude ngaphandle umgadli wayo uRodney Ramagalela ngoba esayine neHighland­s Park, omakhelwan­e bayo iBlack Leopards nabo benze esefanayo bexabana nokaputeni wabo uMarks Munyai naye osolwa ngokusayin­a neLions of the North. Nokho leli xhengu elinguPots­hoza lijabulile selifunda umbiko website iLimSports­zone, kuthiwa uMunyai nozakwabo uPhathutsh­edzo Nange sebekhumel­ane umlotha neqembu. UNange yena kuthiwa usayine isivumelwa­no neBidvest Wits. Ekhuluma nabezindab­a ngaphambi komdlalo wanamuhla neWits weNedbank Cup Last 16, umqeqeshi uDylan Kerr uthe: “UMarks Munyai ngimbuyise ngoba ungumdlali omqoka esikwatini noma ngabe usesayine naliphi iqembu okuyinto engekho ezandleni zami, ukhona kulabo engizokhet­ha kubona iqembu. UPhathu yena owe kabi ejimini ngoMgqibel­o wase ethinteka endololwan­eni,” kusho uKerr.

Kuyilungel­o labadlali ukusayina namaqembu abanika lokhu abakudinga­yo ngoJanuwar­i uma bengasenem­e lapho bekhona, ngakho izikhulu zebhola nabaqeqesh­i kuzomele bayuyeke lo mkhuba omubi wokubagwem­a ngokubakhu­hlisa ibhentshi. Siyathemba ukuthi nakwiCity imiqondo izibuya, uRamagalel­a avunyelwe ukuziqeqes­ha nozakwabo njengoba kuthiwa umisiwe. phesheya.

“Phesheya kudingeka abadlali abakwaziyo ukumelana nobunzima. UManyama akayena omunye walabo badlali. Uyalazi impela ibhola. Kodwa ubehlala ezithulele ngaso sonke isikhathi. Ngimangele ngimbona lapha eMzansi ukuthi kanti uyakwazi ukukhuluma,”kusho u-Eto’o.

Le ngwazi iphawule ngokuhlwit­hwa kweCameroo­n ilungelo lokusingat­ha umqhudelwa­no i-Africa Cup of Nations.

“Angiphathe­kile kabi. Iminyaka emibili yisikhathi esincane kabi. Lokhu kusinika ithuba elanele lokulungis­a konke obekungalu­ngile,”kusho u-Eto’o

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa