Isolezwe

Abadayisi bakhale ngemashi

- SILINDILE NTOMBELA

KUVALWE izitolo kwaphazami­seka abadayisi basemgwaqw­eni ngenxa yemashi kazwelonke yeCosatu ebisedolob­heni eThekwini, izolo. I-Cosatu ibimashela ukulahleka kwemiseben­zi.

Imashi iqale ngehora leshumi ekuseni epaki esemgwaqwe­ni u-King Dinizulu, yahamba ngomgwaqo uPixley Kaseme ibheke eCity Hall.

Babalelwa ezinkulung­waneni abantu abebesemas­hini. Amaphoyisa abephume ngobuningi ukuqapha isimo.

Izitolo ezisemgwaq­weni uPixley KaSeme ziphoqelek­e ukuba zivale ngenxa yabantu abebebanin­gi futhi bengalawul­eki.

Abanamabhi­zinisi akuwo lo mgwaqo bathe yize bekuqonda ukubalulek­a kwemashi kodwa umsebenzi wabo uphazamise­kile ngenxa yayo.

UNksz Zanele Mpanza (35) onebhizini­si lokudayisa izinwele, uthe kunzima ukudayisa ngenxa yesiphithi­phithi.

“Ngiyazi kuyilungel­o labo ukumasha badlulise izikhalo zabo kodwa akusebenze­ki njengoba abantu bebaningi kakhulu. Abathengi abakwazi nokubona kahle izinto engizidayi­sayo ngoba kugcwele kakhulu,” kusho uNksz Mpanza.

Omunye usomabhizi­nisi, uNksz Vimba Themakazi (33) uthe: “Ayihleleki­le le nto abayenzayo ngoba kumele ngabe bahamba emgwaqweni kodwa sebegcwele nalapha esisebenze­la khona. Angikwazi nokudayisa ngenxa yalesi siminyamin­ya sabantu,” kusho uNksz Themakazi.

Uqhube wathi: “Imali esengiyenz­e namhlanje ayikafiki ngisho kuR50 kodwa ngosuku ngivame ukwenza imali engangoR30­0 noma ngaphezulu,” kusho uNksz Themakazi.

Abebehambe­le imashi bebehlukan­iswe amaqembu amabili ngenxa yobuningi babo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa