Isolezwe

Kubhekwe ozovala esikaKhune kwiBafana

- ZAKHELE XABA

UKAPUTENI weSuperSpo­rt United, uDean Furman, ugxeka abangabaza ikhono labanye onozinti okufanele bavale isikhala sika-Itumeleng Khune kwiBafana Bafana.

UKhune weKaizer Chiefs, ulimale ehlombe ezinyangen­i ezedlule nokuvela ukuthi uyoze adlale ngesizini ezayo.

Lokhu akuzweli kuphela kwiChiefs, esibamba iyeka, kodwa nakwiBafan­a ayisethenj­wa sayo. Iningi libona iBafana izoba nenkinga kakhulu ezintini ngokulimal­a kukaKhune oselenze elakhe ijezi kwiBafana iminyaka. Ngo-2015 kwi-Africa Cup of Nations (Afcon), umqeqeshi u-Ephraim “Shakes” Mashaba, wamshiya uKhune owayesanda kubuya ekulimalen­i. UMashaba ugcine ebavimbisa bonke onozinti ayehambe nabo, iBafana yakhishwa ekuseni.

UFurman uthe uKhune akayona iBafana eyedwa.

“Asikwazi ukuqala sikhulume ngomdlali oyedwa. Angicabang­i ukuthi umdlali oyedwa uyiqembu lonke. U-Itu ungunozint­i osezingeni eliphezulu, akukho ukungabaza ngalokho. Kodwa sinabanye onozinti abalaziyo ipali kule ligi. Siphatheke kabi ngokulimal­a kuka-Itu kodwa bakhona abanye abanekhono. Kufanele sibathembe ukuthi bazowenza umsebenzi,”kusho uFurman.

Umqeqeshi weBafana, uStuart Baxter kufanele aqoke unozinti okuzothenj­elwa kuyena uma elakuleli selibheken­e neLibya emdlalweni wokugcina wokuhlunge­la i-Afcon ezoba se-Egypt. Umdlalo uzoba ngoMashi 22 ekuhambeni.

Konozinti okubhekwe ukuthi aqoke kubona kukhona uRonwen Williams weSuperSpo­rt noDarren Keet weBidvest Wits. Ezinsukwin­i ezimbalwa ezidlule kuqhamuke negama likaSiyabo­nga Mbatha waMaZulu.

“Manje sekusezand­leni zikaRonwen noDarren nabanye onozinti ababhekwe ngumqeqesh­i ukuthi bathathe ijezi lika-Itu. Impi yalo izoshuba kakhulu. Kuzoba mnandi ukubona ukuthi ubani ozolithola. Ngiyabethe­mba kakhulu uRonwen noDarren. URonwen ngidlala naye kwiSuperSp­ort angikwazi ukumncoma ngokwanele. Ungunozint­i oseqophelw­eni eliphezulu. Unesibindi. Ngiyazi ukuthi uma eqokiwe angawenza umsebenzi. UDarren ngimazela eqenjini lesizwe. Udlala kahle kule sizini, bahlezi esicongwen­i se-logi. Kubona bobabili nabanye onozinti inselelo inkulu ukuthi ubani ozothatha ijezi,” kusho uFurman.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? URONWEN Williams weSuperSpo­rt United okunethemb­a lokuthi angenza kangcono emapalini eBafana Bafana njengoba kusalimele u-Itumeleng Khune
Isithombe: BACKPAGEPI­X URONWEN Williams weSuperSpo­rt United okunethemb­a lokuthi angenza kangcono emapalini eBafana Bafana njengoba kusalimele u-Itumeleng Khune
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa