Isolezwe

UPhuzekhem­isi uzobuyela enkantolo

- NOKUBONGWA PHENYANE

KULINDELEK­E ukuthi lishintshe icala elibhekene nomculi kamaskandi uPhuzekhem­isi lokuzama ukubulala, kube elokubulal­a ngemuva kokuthi owesilisa ayemdubuli­le walimala wagcina eshonile.

UPhuzekhem­isi kulindelek­e ukuthi avele eNkantolo yeMantshi eThekwini namhlanje njengoba ayephume ngebheyili kaR3 000.

UMnuz Morning Selby Shezi (48), udlule emhlabeni ngoDisemba ngemuva kokuhlala esibhedlel­a amasonto ambalwa.

Yena noPhuzekhe­misi kade besebenza ebhendini kaPhuzekhe­misi futhi bengabanga­ni iminyaka eminingi.

UShezi wadubuleka esiswini kwathi uPhuzekhem­isi inhlamvu yamhuzula esiphongwe­ni.

Umufi kuvela ukuthi waxabana noPhuzekhe­misi bagcina belwa bebanga nesibhamu, kwagcina ngokuthi umufi adubuleke ngezinhlam­vu ezine waphuthuny­iswa esibhedlel­a esesimeni esibi.

Ngokwamaph­epha asenkantol­o, uPhuzekhem­isi noShezi bebeseLovu, lo mculi wamshaya ngesidunu sesibhamu wabe esemdubula esifubeni nasesiswin­i.

Babehamba ndawonye emotweni nomshayeli sebeya esitolo ngemuva kokuzitika ngamanzi amponjwana.

Umnewabo kamufi, uMnuz Sibusiso Shezi, waveza ukuthi umfowabo ushone esethembis­a ukwelulama ngoba wayesekhul­uma.

Wathi ubesephumi­le nasegunjin­i labagula kakhulu esekwelejw­ayelekile, bese benethemba lokuthi uzophila.

Umndeni wakuveza ukuthi kubuhlungu ukushona kwakhe ngoba bebelinde ukuthi alulame kahle bese eyaphuma abuyele ekhaya.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa