Isolezwe

Bayabuya ekhefini uDineo noLerato

- NOKUBONGWA PHENYANE

BAZOBUYELA ngoMsombul­uko emsebenzin­i ngemuva kokuthatha ikhefu abasakazi beMetro FM, uDineo Ranaka noLerato Kganyago obese kukhona ukudideka ngokungezw­akali kwabo emoyeni.

Laba benza uhlelo, iThe Bridge engena phakathi nezinsuku kusuka ngo-10 ekuseni.

Bese kunokudide­ka nemibuzo ngokunyama­lala kwabo bobabili ngesikhath­i esisodwa.

Isolezwe likhulume nemithombo ehlukene esondelene nalaba neveze ukuthi ngempela basekhefin­i.

“Cha bebesaphum­ule bobabili, akukho okungale okungabavi­mba bangezi emsebenzin­i,” kuchaza umthombo.

Okhulumela iSABC uNeo Momodu naye, ushaye ngamafuphi wathi laba bayabuya emsebenzin­i ngemuva kokuhlaba ikhefu lamasonto ambalwa.

Kwenzeka lokhu nje bese kunemibuzo futhi ngokunyala­la kukaBheka Mchunu kuKhozi FM, naye okuvele okufanayo ukuthi ubehlabe ikhefu.

 ??  ?? LERATO KGANYAGO
LERATO KGANYAGO
 ?? Isithombe: DOCTOR NGCOBO ?? U-Ankeli oshone ngemuva kokugula isikhathi eside
Isithombe: DOCTOR NGCOBO U-Ankeli oshone ngemuva kokugula isikhathi eside

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa