Isolezwe

Kumenele usomahlaya waseThekwi­ni

- NOKUBONGWA PHENYANE

I-TB yesisu igcine inqobe usomahlaya waseThekwi­ni, u-Ankel, odlule emhlabeni ngoLwesith­athu, ngemuva kokugula isikhathi eside.

Lokhu kuvezwe udadewabo ka-Ankel, uBusisiwe Shangase.

U-Ankel ogama lakhe langempela uSibusiso Shangase (30), waKwaMakhu­tha, ushonele esibhedlel­a esizimele, eHillcrest.

UBusisiwe uthe, umfowabo ubesegula kakhulu njengoba namaphilis­i abengasams­izi.

“Bathola kudala ukuthi uneTB, kodwa odokotela becabanga ukuthi eyofuba. Emasontwen­i adlule bathola ukuthi yiTB yesisu,” kuchaza uBusisiwe.

Uthe uke wawayeka amaphilisi ngenxa yokungasiz­akali.

“Ubewuthand­a umndeni wakhe futhi ezama ukuthi siphile impilo engcono. Ungene emahlayeni ngenhloso yokusizame­la impilo. Ugcine ngokuthi abambe nasekubeni umphathi wezinhlelo emicimbini. Umndeni ufe olwembiza,” kuchaza uBusisiwe.

Ubonge abantu bakueli abalokhu bethumele imiyalezo yenduduzo emndenini.

“Nosaziwayo baseThekwi­ni bathembise ukuseseka, lokho okusho lukhulu kithina,” kuchaza uBusisiwe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa