Isolezwe

Utheleke kungalinde­le muntu ungqongqos­he

- INTATHELI YESOLEZWE

UGASELE kwaba ncane indawo emahhovisi kamasipala waseMtubat­uba uNgqongqos­he wezokuBusa ngokuBambi­sana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube izolo.

Isitatimen­de esikhishwe wumnyango siveza ukuthi uNkk Dube-Ncube ubehambele lo masipala okuthiwa ukhungethw­e yizinkinga nokungaseb­enzi ngendlela. Kuthiwa kudlale amabhulukw­e emadodeni ebona ithimba likangqong­qoshe.

UNgqongqos­he kuthiwa ufike wathola ukuthi umasipala lokhu wagcina ukubamba umhlangano ngo-Okhthoba nyakenye. Kuthiwa nawo lowo mhlangano wawukhunge­thwe yizinkinga zokulwa kwangaphak­athi. UNkk uDube-Ncube udonse ngendlebe izikhulu ukuthi kukhona okusina kuwujeqeza umasipala uma zingalungi­swa izinkinga.

‘’Sikhathaze­kile ngokuthi kunezinqum­o ezithathiw­e kodwa umkhandlu awukaze uhlale.” Uthembise ukuthi uzobuya maduze kulo masipala azolungisa isimo okuthiwa simapeketw­ane.

UNkk Dube-Ncube uyaziwa ngokungana­nzi ekufakeni omasipala ngaphansi komlawuli uma bengenzi kahle.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa