Utheleke kungalindele muntu ungqongqoshe
UGASELE kwaba ncane indawo emahhovisi kamasipala waseMtubatuba uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube izolo.
Isitatimende esikhishwe wumnyango siveza ukuthi uNkk Dube-Ncube ubehambele lo masipala okuthiwa ukhungethwe yizinkinga nokungasebenzi ngendlela. Kuthiwa kudlale amabhulukwe emadodeni ebona ithimba likangqongqoshe.
UNgqongqoshe kuthiwa ufike wathola ukuthi umasipala lokhu wagcina ukubamba umhlangano ngo-Okhthoba nyakenye. Kuthiwa nawo lowo mhlangano wawukhungethwe yizinkinga zokulwa kwangaphakathi. UNkk uDube-Ncube udonse ngendlebe izikhulu ukuthi kukhona okusina kuwujeqeza umasipala uma zingalungiswa izinkinga.
‘’Sikhathazekile ngokuthi kunezinqumo ezithathiwe kodwa umkhandlu awukaze uhlale.” Uthembise ukuthi uzobuya maduze kulo masipala azolungisa isimo okuthiwa simapeketwane.
UNkk Dube-Ncube uyaziwa ngokungananzi ekufakeni omasipala ngaphansi komlawuli uma bengenzi kahle.