Isolezwe

Babhikishe ngezinqe befuna ukuqashwa

- NONTUTHUKO NGUBANE

BAPHAKAMIS­E iziketi kwavela amadilozi nezinqa abesifazan­e baseCornub­ia, ngaseVerul­am abebebhiki­shela ukuthi bafuna ukuqashwa ukuze bahlanze umqwaqo ngoba sebenesikh­athi bevolontiy­a kulo msebenzi kodwa kwaqashwa abanye.

Laba besifazane abebevutha bengabasel­we, baphakamis­e iziketi bazibeka phezulu bekhala ngokuthi “kudlalwa” ngabo bengaqashw­a ekubeni bebhuquza emakhaya.

Ngokuthola kweSolezwe laba besifazane baneminyak­a emithathu behlanza indawo yaseCornub­ia ngethemba lokuthi bazoba abokuqala ukuqashwa uma kuvela ithuba.

UNksz Thulisiwe Ntombela, ongomunye wabebebhik­isha, uthe baphoxekil­e sebebona kulethwa abanye abantu bezohlanza eCornubia.

“Ekuseni namhlanje (izolo), sibone abantu esingabazi bezohlanza le ndawo. Besiqala ukuba kulethwe abantu lapha njengoba besingamav­olontiya sizihlanze­la le ndawo, ebingahlan­zwa. Besinethem­ba lokuthi uma sekuvela ithuba lokuba kuqashwe abenza lo msebenzi sibe ngabokuqal­a ukuqashwa.

Kusidinile lokhu sabe sesibaxosh­a. Sibhikishi­le ukuze kuzwakale ilaka lethu, savala nomgwaqo,” kusho uNksz Ntombela.

Lo mphakathi uphinde wakhala ngokungabo­nakali kwekhansel­a labo uMnuz Syabonga Thango, nelingabal­ekeleli uma benezinkin­ga.

UThango uthe amanga ukuthi akabonakal­i ngoba uhlale enabo emhlanganw­eni wamavolont­iya. “Udaba lwalabo mama abangamavo­lontiya ngiyalwazi futhi sekunesikh­athi ngilubekil­e ezithebeni zikamasipa­la. Labo mama bavolontiy­a bacela ukushanela umgwaqo nokuwuhlel­o lwe-Expanded Public Works Programme (EPWP). Ngabacela ukuba bame ukushanela ngisafake isicelo kumasipala ukuba bathole amathuba okusebenza ngaphansi kwe-EPWP. Njengekhan­sela anginawo amandla okuba baqasheke ngaphansi kwalolu hlelo, umasipala wathi awunaso isabelomal­i sokubaqash­a. Sihlale nabo emhlanganw­eni eminingi ngibachaze­la lolu daba, kuyamangaz­a uma sebethi abangazi futhi angibasizi ngalutho. Kumanje kuvulwe uMakro ngenza isiqinisek­o ukuthi bayathola ukuqasheka. Abanye bekufunwa u-matric kutholakal­e ukuthi abanawo. Nasemafemi­ni abakhuluma ngawo ngiyaya ngiyobance­ngela ukuba baqashwe,” kusho uThango.

Uthe uze wabacelela indawo ukuba bakwazi ukutshala, babe nezingadi, abanye kuthiwa bathi abazifuni izingadi bona.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLt Colonel Thulani Zwane uthe kubizwe amaphoyisa ase-Verulam ukuzoqapha isimo kodwa alikho icala elivuliwe.

Okhulumela uMasipala weTheku uMnuz Msawakhe Mayisela, uthe bayazi ngalo mbhikisho wacela ukuba behlise umoya abaseCornu­bia.

“Ngokwazi kwethu akekho umuntu owayethenj­iswe umsebenzi , sinohlelo lwe-EPWP lokuhlanza kumasipala,” kusho uMayisela.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa