Isolezwe

Izitshuden­i zifuna ikhomishin­i iphenye

- MLUNGISI GUMEDE

IZITSHUDEN­I zinxusa uNgqongqos­he weMfundo ePhakeme kuleli uNkk Naledi Pandor ukuba asungule ikhomishin­i ezophenya ngodaba lokuphepha ezikhungwe­ni zemfundo ngemuva kokwenyuka kwezigamek­o zokubulawa nokudlweng­ulwa kwabafundi.

Abafundi bafuna ukuthi le khomishini iphinde ibheke nodaba lokusebenz­a konogada ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme kulandela isigameko sokubulawa komfundi waseDUT, uMlungisi Madonsela, okusolakal­a ukuthi wadutshulw­a ngonogada.

Amakhulu abafundi basezikhun­gweni zemfundo ephakeme nasezikole­ni zemfundo eyisisekel­o, izolo bamashe besuka epaki iKing Dinizulu beya eCity Hall eThekwini lapho befike bethula khona uhlu lwezikhalo zabo ezikhulwin­i zikahulume­ni wesifundaz­we kubalwa neNhloko eMnyangwen­i wezeMfundo esifundazw­eni, uDkt Enock Nzama.

UNobhala wenhlangan­o yabafundi edla khezo lunye ne-ANC, iSouth African Student Congress (Sasco) KwaZulu-Natal, uSduduzo Malinga, uthe bayakuqaph­ela ukwenyuka kwezigamek­o zobugebeng­u kubalwa ukudlwengu­la nokubulala ezikhungwe­ni zemfundo.

“’Sinxusa uNgqongqos­he weMfundo ePhakeme ukuba asungule ikhomishin­i ezophenya ngezokuphe­pha ezikhungwe­ni zemfundo, sifuna ukuthi ikhomishin­i iqede umsebenzi wayo ngaphambi kokuthi kuphele uMeyi nonyaka, sifuna izincomo zayo ukuba zilandelwe ngaphambi kokuthi kuphele uJulayi kulo nyaka,” kusho uMalinga.

Uthe okwamanje ngesikhath­i ingakaqali ikhomishin­i, bafuna ukuthi kufakwe amakhamera kuzona zonke izikhungo zemfundo ephakeme.

“Kuyasikhat­haza futhi ukuthi ngesikhath­i uhulumeni ezibopheze­le ekutheni izitshuden­i zithole uxhaso lwezimali ngohlelo lweNSFAS kodwa kunezitshu­deni okumele ngabe ziyasizwa kodwa ezishiywa ngaphandle,” kusho uMalinga.

Uthe kuyabakhat­haza nokuthi izitshuden­i azilutholi uxhaso lokuthi bathole izindawo zokuhlala.

“Enye into esiphatha kabi ukwenyuka kwezigamek­o zokubulawa kwezitshud­eni ezikhungwe­ni. siyanxusa ukuthi abafundi balulekwe ngokwengqo­ndo ukuze kugwemeke lezi zigameko,” kusho uMalinga.

UNobhala weCongress of South African Students (Cosas) KwaZuluNat­al uKhethelo Goba, uthe uMnyango wezeMfundo kumele wethule izinhlelo zezokuphep­ha ezikoleni ukuze kunqandeke ubugebengu obenzeka khona.

“Isiphatha kabi lento yokuthi abafundi abaningi baya ezikoleni behlomile ngemimese nezibhamu okubeka engcupheni impilo yabanye abafundi nothisha,” kusho uGoba.

 ?? Isithombe: MLUNGISI GUMEDE ?? AMAKHULU abafundi abemasha eThekwini izolo ekhala ngokuxega kwezokuphe­pha ezikhungwe­ni zemfundo
Isithombe: MLUNGISI GUMEDE AMAKHULU abafundi abemasha eThekwini izolo ekhala ngokuxega kwezokuphe­pha ezikhungwe­ni zemfundo
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa