Isolezwe

‘Angikaze ngibe yimpimpi’

- MHLENGI SHANGASE

NGIKAZE ngibe yingede, ngidayise ngamaqaban­e noma ngisebenze nezitha.”

Lokhu kushiwo ngumengame­li Cyril Ramaphosa ephendula izinsolo ezishiwo ngumholi weCope uMnuz Mosiuoa Lekota, othe wabadayisa ngesikhath­i somzabalaz­o.

Ephendula imibuzo ePhalamend­e izolo, uRamaphosa uthe izinto ezingathi shu, akathandi ukuziphend­ula kodwa lokhu okushiwo nguLekota ubone kungcono akucacise.

Uthe waboshwa eneminyaka engu-21, ngo-1974 efunda enyuvesi yaseNorth engusihlal­o wenhlangan­o yezitshude­ni iSaso.

Uthe amaphoyisa ambopha amvalela izinyanga eziyisithu­pha engabonwa ngumuntu okubalwa nomndeni wakhe ngoba efuna aphenduke ufakazi wombuso ecaleni elalibheki­swe kuLekota nabanye abaholi ababeboshi­we.

“Nganqaba ukwenza lokhu noma ayesengihl­ukumeze ngendlela engachazek­i kodwa angikaze ngidayise ngamaqaban­e. Noma sebezama ukuthumela ubaba wami owayeyipho­yisa ukuthi angincenge ukuthi ngibe wufakazi nganqaba ngamtshela ukuthi uma ngenza lokho ngiyophuma ngihlale kuphi,” kubuza uRamaphosa.

Uthe waphinde waboshwa futhi ezinye izinyanga eziyisithu­pha ngesikhath­i kunezibhel­u zango-1976.

Uqhube wathi akakaze adayise ngamuntu, wathi ayekwenza kwakuwukul­wela abantu bakuleli.

“NoMandela kuke kwaphuma izinto zokuthi wadayisa ngoba wathathwa wayoboshwa yedwa ePollsmoor wasuswa kozakwabo. Ngabuza uMnuz Walter Sisulu ukuthi babhekana kanjani nalezi zinsolo wathi babebheka amava akhe uMandela bangazinak­a ezinye izinto,” kusho uRamaphosa.

Uxwayise ngokuthi abantu akumele basho izinto ezivusa uhlevane.

I-ANC ithe uLekota ulahlekelw­e amaqhinga ezepolitik­i yingakho eseqamba amanga ngoRamapho­sa.

UMnuz Zizi Kodwa, ibamba lo mkhulumeli we-ANC, uthe bayamethem­ba uRamaphosa, wathi lezi zinsolo zenziwa ngumuntu osuke esaba ukuthi kuvezwe izinto ayezenza.

“Ingqungqut­hela yaseNasrec yakhetha uRamaphosa njengoMeng­ameli njengoba enamava kule nhlangano. Ube yilungu le nhlangano yezitshude­ni waba nguNobhala jikelele we National Union of Mineworker­s (NUM). Waba nguNobhala wokuqala we-ANC ngemuva kokuvulwa umlomo ngo1990, wahola ithimba eladweba umthethosi­sekelo wezwe,” kusho uKodwa.

I-EFF inxuse uRamaphosa ukuthi asungule ikhomishin­i ezophenya ngezinsolo zokuthi wadayisa amaqabane kodwa umengameli ukuchithil­e lokhu wathi ngeke asungule into ezomosha imali yabakhokhi bentela engeke ithole lutho.

URamaphosa ubuye wachaza nge-Eskom wathi abanazo izinhlelo zokuthi ulawulwe ngabanye abantu wathi uzoqhubeka ube ngaphansi kukahulume­ni.

Ukhale kakhulu ngesimo sokucinywa kukagesi wathi bazama ngayo yonke indlela ukuthi balungise simo kule nkampani.

“Ngizoqoka ithimba kwiKhabhin­ethi elizoholwa yiPhini likamengam­eli elizobika njalo kumina ngezinto ezithinta i-Eskom. Sizosilung­isa isimo kule nkampani sizokwenza yonke into ukuze iphele indaba yokucinywa kukagesi nokubuyisa uzinzo. Asikho isisombulu­lo esisodwa esizoqeda izinkinga ezibhekene ne-Eskom, sidinga ukwenza izinto eziningi. Uma sihlukanis­a i-Eskom kathathu, lezi zinhlaka zizoba ngaphansi kukahulume­ni zontathu.”

Uthe ungqongqos­he wezimali nguyena ozokwenza isimemezel­o ngokuthi kuzongenel­elwa kanjani kwa-Eskom.

Ubalule nezinto eziningi ezenziwe nguhulumen­i okubalwa ukubahlinz­eka ngezimpesh­eni, amanzi wathi bazokwakha nemisebenz­i engu-7 million.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa