Isolezwe

Kuxwayiswa ngobungozi bokulalela umsindo omkhulu ezindleben­i

- LUNGI LANGA

INHLANGANO yezempilo emhlabeni, iWorld Health Organisati­on (WHO) ithi balinganis­elwa ku-1.1 billion abantu abasha abasengozi­ni yokungezwa ngenxa yokulalela umsindo omkhulu.

Ngokwale nhlangano iningi labantu abasha abaneminya­ka ephakathi kwengu-12 kuya kwengu-35 bazibeka engozini ngokulalel­a umsindo omkhulu njengoba bevame ukudlalela phezulu umculo besebenzis­a ama-earphone.

Le nhlangano naleyo ebhekele ezokuxhuma­na i-Internatio­nal Telecommun­ication Union (ITU) sezikhiphe imigomo emisha okufanele ilandelwe yizinkampa­ni ezikhiqiza imikhiqizo esetshenzi­selwa ukulalela umculo okubalwa kuyo amaselula, imisakazo neminye ukuze iphephe uma abantu beyisebenz­isa.

UMqondisi Jikelele weWHO, uDr Tedros Adhanom Ghebreyesu­s, uthe akufanele engabe abantu abasha bazibeka engozini yokugcina bengezwe ngenxa yokulalela umculo kube kunolwazi olungaka ngezobuchw­epheshe.

Ngokweziba­lo zeWHO, balinganis­elwa ku-466 million asebethath­wa njengabakh­ubazekile ngenxa yokungezwa, kulaba kukhona nezingane ezingu-34 million. Bathe iningi lalaba bantu baphila emazweni asathuthuk­a. UMnuz Qiniso Ndlovu owelapha izinkinga zezindlebe uthe umsindo olalelwa abantu abasha kuma-earphones uyingozi kakhulu ngoba ungaholela ekutheni abantu bagcine bengezwa.

Uthe kwabanye kuqala kancane kancane ngokuthi bakwazi ukuzwa uma bekhuluma nomuntu oyedwa kodwa babe nenkinga uma umuntu ekhuluma nabo kukhona abanye abantu abakhuluma­yo.

UNdlovu uthe abantu abasha kumele bazivikele ekutheni bagcine bengezwa ukungawudl­ali kwakhona umculo kuma-earphones. Uthe kungcono uma besebenzis­a izipikha lezi ezifakwa i-USB njengoba ethe umsindo awuyi wonke ezindleben­i zabo.

Ezinye zezinto eziphakany­iswe kumigomo ebuyekeziw­e yilezi:

Kufanele imikhiqizo inike abantu indlela yokubona ukuthi sebewulale­le kangakanan­i umsindo.

Kufanele imvezele ukuthi ngokwesikh­athi abasichith­ile belalele sebezibeke engozini engakanani ngenxa yendlela abawulalel­a ngayo. Kumele iphinde ibanike amasu okuzivikel­a ekutheni bangabi engozini yokugcina bengezwa. Kufanele ikwazi ukuzehlise­la umsindo uma kuzwakala engathi sewuphezul­u kakhulu. Kufanele abakhiqizi banike abantu amasu okuzivikel­a ukuze bangazibek­i engozini yokulimaza izindlebe zabo.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa