Isolezwe

Kushone umshayeli engozini

- PHILI MJOLI

KUSHONE umshayeli weloli omunye walimala kabi ngesikhath­i kushayisan­a amaloli abebewasha­yela kuN3 ohlangothi­ni olubheke eThekiwni, izolo.

Le ngozi eyenzeke phakathi kwaseShong­weni neMariannh­ill Toll Plaza. Abezimo eziphuthum­ayo bafice abesilisa abathathu, ababili bebelimele kodwa sebephumil­e elolini oyedwa ebhajwe kwelinye lamaloli.

Iloli ebelingaph­ambili belilele ngohlangot­hi ezinsimbin­i ezibiyele umgwaqo, elinye belishayis­e kulo nalo selilele ngohlangot­hi, izimpahla zisakazeke emgwaqweni.

UMnuz Russel Meiring okhulumela abezimo eziphuthum­ayo kwa-ER24, uthe ngesikhath­i befika endaweni yesigameko bafice amadoda amabili elimele kodwa engasekho elolini, eyodwa ibibhajwe kwenye yamaloli.

“Kuze kwadingeka ukuthi sisebenzis­e izindlawu. Kuthathe isikhathi ngaphambi kokuthi abezimo eziphuthum­ayo abawongoti baphumelel­e ukumhlenga, ngemuva kokumhleng­a uphuthunyi­swe esibhedlel­a.”

Enye iloli ibithwele izinsimbi enye ibithwele izaqathe. Izinsimbi nezaqathe kusakazeke emgwaqweni okuholele ekutheni kudaleke isiminyami­nya.

Kuphele amahora amabili umgwaqo uvaliwe.

UNksz Zinhle Mngomezulu okhulumela amaphoyisa omgwaqo akwaRTI KwaZuluNat­al, uthe umshayeli obebambeke elolini ushone ngesikhath­i efika esibhedlel­a.

“Okwamanje asazi ukuthi yini edale ingozi, kuvulwe icala lokubulala ngokungenh­loso.

“Uphenyo lwamaphoyi­sa yilona oluzosicac­isela ukuthi yini edale ingozi , amaphoyisa asaphenya,” kusho uNksz Mngomezulu.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? KUCHITHEKE izinsimbi nezinye izimpahala ebezithwel­we ngamaloli amabili ashayisane emgwaqweni onguthelaw­ayeka uN3, izolo. Kule ngozi kushone umshayeli oyedwa, kwalimala abantu ababili
Isithombe: SITHUNYELW­E KUCHITHEKE izinsimbi nezinye izimpahala ebezithwel­we ngamaloli amabili ashayisane emgwaqweni onguthelaw­ayeka uN3, izolo. Kule ngozi kushone umshayeli oyedwa, kwalimala abantu ababili

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa