Isolezwe

UVumase uyisibonel­o esihle emnothweni wezwe

-

NGOLWESITH­ATHU bekunokhuk­hulelangoq­o wesiteleka sabasebenz­i abangamalu­ngu eCosatu bekhala ngezinto ezimbalwa. Obekuseqhu­lwini lwezikhalo zabo ukuntuleka kwemiseben­zi “nokuvikela” imisebenzi yabo.

Amalungu alo mfelandawo­nye aphume ngobuningi bawo futhi asekwe amadleland­awonye ombimbi, i-ANC neSACP ngoba ukusweleka kwemiseben­zi cishe yiyona nselelo enkulu kunazo zonke kulezo iNingizimu Afrika ebhekene nazo.

Ukuvuleka kwamathuba emisebenzi yinto ebonakala izolokhu icothoza kuleli ngenxa yokuxhuga komnotho.

Lokhu kusho ukuthi abantu kumele bazame ngandlela thize ukuthi bazakhele bona amathuba emisebenzi njengoba kwenze uMnuz Thokozani Vumase waseManguz­i ebesibhale ngaye oshicilelw­eni lwayizolo.

Ngo-2011 uVumase, owayenguno­gada ngaleso sikhathi wanqoba umncintisw­ano weSolezwe wahlomula ngemoto entsha ceke. Esikhundle­ni sokujabule­la ukuba nemoto entsha, uVumase wabona ithuba lokushints­ha impilo yakhe ngoba wayengagcu­lisekile ngoR1 500 ayewuhola.

Wadayisa imoto kwathi ngemali ayithola wazithenge­la imoto eyisekeni kwasekuthi enye wasungula ngayo inkampani yakhe.

Namhlanje uVumase unenkampan­i yonogada eqashe abantu abangu-158 abaqashwe ngokugcwel­e. Unebhizini­si lokuqashis­a ngezindawo zokuhlala ngakubo eManguzi futhi usanda kuvula nendawo yobumnandi, iMGZ Lifestyle khona ngakubo.

UVumase uzishintsh­ele yena impilo yakhe futhi akalindang­a ukuthi abe nendathane yemali, kunalokho usebenzise leyo encane ayithola futhi okunye okuhle akwenzile ukuthi uthe uma esungula inkampani wagxila kulokhu ayevele esekwazi futhi enesipiliy­oni sakho.

Ukubheka uhulumeni ukuthi asungule amathuba emisebenzi futhi enze isimo ezweni sibe ngesiheha abatshaliz­imali bese kuthi labo abakhona bathuthuke ukuze bezonyusa isibalo sababaqash­ile kuhle.

Kodwa kuyadingek­a ukuthi bande nabantu abazofana noVumase, abantu abazokwazi ukubhukula bazithuthu­kise bona futhi bagcine kwabona sebengabaq­ashi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa