UPotso makahambele emakhaya
MHLELI: Ake ungisize ungidlulisele lo mlayezo kumholi weqembu Amageza Amahle, uPotso Ngobese osebizwa ngeNgobamakhosi wodumo lwengoma ethi Elinye ithuba.
Nansi inselelo enkulu abhekene nayo, emakhaya abantu basadidekile ngeqembu Amageza Amahle, ekudluleni kweNdidane kwabe sekuphela ngaleli qembu ezingqondweni zabanye emakhaya. Kumanje abanye abazi nokuthi iqembu lisaqhubeka nokukhipha, abaziyo ukuthi liyakhipha abazi ukuthi liholwa wubani, abaziyo ukuthi liholwa wubani, abazi ukuthi ungubani yena lowoPotso. Lokho kwenza ukuthi iqembu lingakutholi ukwesekwa okulifanele ezindaweni zasemakhaya.
Yebo imizamo siyayibona iyenziwa, zikhona izingoma esezishuthiwe zenziwa ama-video njengayo lena ethi Elinye ithuba nezinye. Siphinde futhi salibona iqembu ohlelweni uGubhu lwami okwajabulisa kakhulu kodwa mina ngithi akukapheleli. Ngokwami ukufisa uPotso bekumele axhumane nabahleli bemicimbi yasemakhaya ukuze lapho kuhlangene khona umphakathi naye avele kanye neqembu.
Inkulu injabulo abantu abangaba nayo uma bezwa kuthiwa ayeza Amageza Amahle, lokho kungabe kungasho ukuthi uyozehlisa isithunzi.
Ukuya kwakho ebantwini kungakunikeza ithuba elihle lokucacisela abantu ukuthi ubani umfana weNdidane, ubani osehola Amageza nofanelwe ukuthi alandelwe abantu ababethanda iNdidane.
Abanye bazi ukuthi iNdidane yashiya uKhuzani okunguyena eyashona icula naye, okungalizuzisi-ke nokho lokho iqembu kanye nomndeni weNdidane.
Iqiniso lithi uKhuzani akahlangene nezinto zeNdidane uma esuke ekhuluma ngayo, yilungelo lakhe naye njengoba nabanye omaskanda benza ukuze bazikhuphule. Potso hamba uyotshela abantu emakhaya ukuthi uwena oqhoqhobele isihlalo seNdidane, ukube kuya ngami nemicimbi lena eyenziwa emahostela ubuzoyihambela uzifake ebantwini .Yazi nomuntu obekade engakunakile engaqala akunake uma esekubona.
Kwakungelona ihlazo ukubonakala komculi odumile phakathi kwabantu kodwa kwakubasiza kakhulu. Siyabonga Commander ngengoma yakho ethi Elinye ithuba, impela umculo uyisiphiwo kuwena ne-albhamu yonke yakamuva oyikhiphile isezingeni eliphezulu kakhulu.