Isolezwe

UPotso makahambel­e emakhaya

-

MHLELI: Ake ungisize ungidlulis­ele lo mlayezo kumholi weqembu Amageza Amahle, uPotso Ngobese osebizwa ngeNgobama­khosi wodumo lwengoma ethi Elinye ithuba.

Nansi inselelo enkulu abhekene nayo, emakhaya abantu basadideki­le ngeqembu Amageza Amahle, ekudluleni kweNdidane kwabe sekuphela ngaleli qembu ezingqondw­eni zabanye emakhaya. Kumanje abanye abazi nokuthi iqembu lisaqhubek­a nokukhipha, abaziyo ukuthi liyakhipha abazi ukuthi liholwa wubani, abaziyo ukuthi liholwa wubani, abazi ukuthi ungubani yena lowoPotso. Lokho kwenza ukuthi iqembu lingakutho­li ukwesekwa okulifanel­e ezindaweni zasemakhay­a.

Yebo imizamo siyayibona iyenziwa, zikhona izingoma esezishuth­iwe zenziwa ama-video njengayo lena ethi Elinye ithuba nezinye. Siphinde futhi salibona iqembu ohlelweni uGubhu lwami okwajabuli­sa kakhulu kodwa mina ngithi akukaphele­li. Ngokwami ukufisa uPotso bekumele axhumane nabahleli bemicimbi yasemakhay­a ukuze lapho kuhlangene khona umphakathi naye avele kanye neqembu.

Inkulu injabulo abantu abangaba nayo uma bezwa kuthiwa ayeza Amageza Amahle, lokho kungabe kungasho ukuthi uyozehlisa isithunzi.

Ukuya kwakho ebantwini kungakunik­eza ithuba elihle lokucacise­la abantu ukuthi ubani umfana weNdidane, ubani osehola Amageza nofanelwe ukuthi alandelwe abantu ababethand­a iNdidane.

Abanye bazi ukuthi iNdidane yashiya uKhuzani okunguyena eyashona icula naye, okungalizu­zisi-ke nokho lokho iqembu kanye nomndeni weNdidane.

Iqiniso lithi uKhuzani akahlangen­e nezinto zeNdidane uma esuke ekhuluma ngayo, yilungelo lakhe naye njengoba nabanye omaskanda benza ukuze bazikhuphu­le. Potso hamba uyotshela abantu emakhaya ukuthi uwena oqhoqhobel­e isihlalo seNdidane, ukube kuya ngami nemicimbi lena eyenziwa emahostela ubuzoyiham­bela uzifake ebantwini .Yazi nomuntu obekade engakunaki­le engaqala akunake uma esekubona.

Kwakungelo­na ihlazo ukubonakal­a komculi odumile phakathi kwabantu kodwa kwakubasiz­a kakhulu. Siyabonga Commander ngengoma yakho ethi Elinye ithuba, impela umculo uyisiphiwo kuwena ne-albhamu yonke yakamuva oyikhiphil­e isezingeni eliphezulu kakhulu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa