Isolezwe

Ngeseka uRamaphosa kolokukhok­helwa kwezidingo

-

MHLELI: Ngicela ukuphawula ngenkulumo kaMengamel­i Cyril Ramaphosa ayeyibheki­se esizweni ngomhla ka-7.

Noma ngingayina­mbithisisa­nga kahle kepha ngifisa ukumeseka esicelweni sakhe sokugqugqu­zela abantu ukuthi bakhokhele izidingo zikahulume­ni ikakhuluka­zi uma kukhulunyw­a ngogesi.

Kuthiwa i-Eskom inesikwele­tu esikhulu esibalelwa kuR4 billion. Mhlawumbe uma singaqala sikhuthale sithenge ugesi kungenzeka nenkampani iNersa isizwele uma isibuyekez­a amanani okukhuphul­a ugesi.

Njengamanj­e ugesi ubiza kakhulu futhi owama-meter umba eqolo ngokwedlul­ele.

Mhlawumbe nomnotho ungasimama nabatshali­zimali babe nethemba ngezwe ngoba akekho umuntu ongusomabh­izinisi ongatshala imali yakhe ezweni elingenage­si osesimeni esikahle.

Nokho ukuze sifezeke isicelo sikaRamaph­osa kumele avule amathuba emisebenzi kuphele ngokubhuqu­za emakhaya. Kungaba kuhle ukuthi abanamandl­a okukhokhel­a ugesi bawathenge phela amakhadi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa