IZINKONDLO
Mama wami, wangisingatha ngisewusana kwaze kwafika usuku lwami lokuzalwa. Kuthe selufikile lolosuku waletha umphefumulo wami kulomhlaba kepha owakho wathathwa ngumdali. Uma ubaba engixoxela ngawe Ukhala mi izinyembezi ngenxa yokulahlekelwa nguwe esak’thanda.kubuhlungu nakumi ukuphila ngaphandle kwakho
Ngyakhula,yebo ngyakhula mama, kepha kunzima
Uthando lwakho mama yilona elishodayo.yebo ubaba uyazama uyabona ngihlezi ngibalisa, ngidabukisa akulula mama.
Njalo ngosuku lwami lokuzalwa ubaba uyangijabulisa kodwa k’sobala uyalizonda lolusuku
Ngibuye ngiluqalekise usuku engazalwa ngalo ngoba yilona suku owahamba ngalo kulomhlaba.Ngibuye ngizicasukele ngicasukele nomdali uqobo.Kodwa mdali, usungaze ungiphuce ithuba lokuba nomama. Ngiyakhula mama nomzimba wami uyashintsha, kuningi okwenzekayo engingakuqondi. Angazi ngizothini kubaba, nobaba Uyalubona ushintsho kimi. Uyazama ukungikhulula kepha akulula.Useze waletha umuntu athi angimbize ngomama, mama
ngyakusho lokho kepha akusivali isikhala sakho
Uthando lukamama luletha imfudumalo kunoma yimuphi umuzi, kepha kulomuzi ngihlezi ngiswacile, akumnandi neze.
Mama ngikhathele yilempilo yokuhlukunyezwa, sengiphenduke isigqila emzini kababa yilo mama ongemama
Mama sengifisa ngisho ukuba nawe lapho ukhona, angazi ubaba ng’zomutshela kanjani. Mama ngeke ang’sakwazi. Njalo ngihlezi ngiwashelana nalo mama ngisho amabhulukwe angaphansi.
Mama lawukhona, ngikhanyisele ngikhathele yilolusizi engibhekene nalo. Ngihlezi ngikhuleka kyacaca nomdali ung’shayindiva.Mama ngicela ukuphendulwa nguwe, angazi mhlawumbe yiphutha lami ukube angihlalanga esiswini sakho , ngabe usaphila. Ngyafisa ngelinye ilanga siphile kahle kulo muzi, ngiphume kulolu sizi nasebugqileni bale mpilo
Mihla namalanga ngyakhuleka, ngibeke izinsizi zami kumdali NGIZWE NKOSI NGIYIBEKA INDABA YAMI KUWE Amasu aphelile kanti umqondo awumile Ngidla amathambo engqondo Umzuzu ngamunye impela kuningi okuzula emqondweni. Hho hhe Ngaze ngadlala yinkumbulo weMadoda Ziyadela lezo Ntaba ezingumasitheza zona Ezingisithela othandiweyo wami. Ngithi ngingazithinta izingubo Lapho selishonile kubuye uSizi, iNkumbulo zisho zehle izinyembezi Kanti ngithi ngingavuka lapho inhlamvu YeLanga ihlaba kancane ngasezintabeni Lusho luthi heqe! uValo ngifise ukwazi ukuba Ngilibona nje kazi yena uyalibona yini Hho hhe ngafa yiNkumbulo. Lithi lishona iSilokozane kasizibekile phansi Imini yonke bengikhihla esikaNandi ngithi Ngingangena eNdlini ngilizwe iKhanda Lisinda, izinyawo zibebuhlungu ngenxa Yokhalo olude ebengiluhamba ngemicabango imini yonke ngilibangise kuye
Ngiyizwe inhliziyo ishisa ibaselwe ngeNkunzimalanga yeLangabi loMlilo Wenkathazeko nesiBibithwane seNkumbulo Hho hhe Ngimkhumbule