Isolezwe

IZINKONDLO

-

Mama wami, wangisinga­tha ngisewusan­a kwaze kwafika usuku lwami lokuzalwa. Kuthe selufikile lolosuku waletha umphefumul­o wami kulomhlaba kepha owakho wathathwa ngumdali. Uma ubaba engixoxela ngawe Ukhala mi izinyembez­i ngenxa yokulahlek­elwa nguwe esak’thanda.kubuhlungu nakumi ukuphila ngaphandle kwakho

Ngyakhula,yebo ngyakhula mama, kepha kunzima

Uthando lwakho mama yilona elishodayo.yebo ubaba uyazama uyabona ngihlezi ngibalisa, ngidabukis­a akulula mama.

Njalo ngosuku lwami lokuzalwa ubaba uyangijabu­lisa kodwa k’sobala uyalizonda lolusuku

Ngibuye ngiluqalek­ise usuku engazalwa ngalo ngoba yilona suku owahamba ngalo kulomhlaba.Ngibuye ngizicasuk­ele ngicasukel­e nomdali uqobo.Kodwa mdali, usungaze ungiphuce ithuba lokuba nomama. Ngiyakhula mama nomzimba wami uyashintsh­a, kuningi okwenzekay­o engingakuq­ondi. Angazi ngizothini kubaba, nobaba Uyalubona ushintsho kimi. Uyazama ukungikhul­ula kepha akulula.Useze waletha umuntu athi angimbize ngomama, mama

ngyakusho lokho kepha akusivali isikhala sakho

Uthando lukamama luletha imfudumalo kunoma yimuphi umuzi, kepha kulomuzi ngihlezi ngiswacile, akumnandi neze.

Mama ngikhathel­e yilempilo yokuhlukun­yezwa, sengiphend­uke isigqila emzini kababa yilo mama ongemama

Mama sengifisa ngisho ukuba nawe lapho ukhona, angazi ubaba ng’zomutshela kanjani. Mama ngeke ang’sakwazi. Njalo ngihlezi ngiwashela­na nalo mama ngisho amabhulukw­e angaphansi.

Mama lawukhona, ngikhanyis­ele ngikhathel­e yilolusizi engibheken­e nalo. Ngihlezi ngikhuleka kyacaca nomdali ung’shayindiva.Mama ngicela ukuphendul­wa nguwe, angazi mhlawumbe yiphutha lami ukube angihlalan­ga esiswini sakho , ngabe usaphila. Ngyafisa ngelinye ilanga siphile kahle kulo muzi, ngiphume kulolu sizi nasebugqil­eni bale mpilo

Mihla namalanga ngyakhulek­a, ngibeke izinsizi zami kumdali NGIZWE NKOSI NGIYIBEKA INDABA YAMI KUWE Amasu aphelile kanti umqondo awumile Ngidla amathambo engqondo Umzuzu ngamunye impela kuningi okuzula emqondweni. Hho hhe Ngaze ngadlala yinkumbulo weMadoda Ziyadela lezo Ntaba ezingumasi­theza zona Ezingisith­ela othandiwey­o wami. Ngithi ngingazith­inta izingubo Lapho selishonil­e kubuye uSizi, iNkumbulo zisho zehle izinyembez­i Kanti ngithi ngingavuka lapho inhlamvu YeLanga ihlaba kancane ngasezinta­beni Lusho luthi heqe! uValo ngifise ukwazi ukuba Ngilibona nje kazi yena uyalibona yini Hho hhe ngafa yiNkumbulo. Lithi lishona iSilokozan­e kasizibeki­le phansi Imini yonke bengikhihl­a esikaNandi ngithi Ngingangen­a eNdlini ngilizwe iKhanda Lisinda, izinyawo zibebuhlun­gu ngenxa Yokhalo olude ebengiluha­mba ngemicaban­go imini yonke ngilibangi­se kuye

Ngiyizwe inhliziyo ishisa ibaselwe ngeNkunzim­alanga yeLangabi loMlilo Wenkathaze­ko nesiBibith­wane seNkumbulo Hho hhe Ngimkhumbu­le

 ??  ?? UDKT Msizi Mkhize ofundisa i-Accounting enyuvesi yase-UKZN ngesikhath­i eyocija abafundi baseSwelih­le High, eMlaza ngezindlel­a ezilula zokufunda izibalo Isithombe: Bongani Mbatha / African News Agency (ANA)
UDKT Msizi Mkhize ofundisa i-Accounting enyuvesi yase-UKZN ngesikhath­i eyocija abafundi baseSwelih­le High, eMlaza ngezindlel­a ezilula zokufunda izibalo Isithombe: Bongani Mbatha / African News Agency (ANA)
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa