Isolezwe

ISwelihle High igubhe usuku lwesifundo izibalo

- SILINDILE NTOMBELA

BALUGUBHE ngendlela ehlukile usuku lweValenti­ne, abafundi baseSwelih­le High, eMlaza abagqugquz­elwe ukuthi babe nothando lwezibalo njengoba bebegubha i-Love Maths Day esungulwe uDkt Msizi Mkhize ofundisa i-Accounting enyuvesi yaKwaZulu-Natal (UKZN).

UDkt Mkhize uthe emva kokubona izinga eliphansi lokuphaswa kwesifundo sezibalo kanye nokuzwa izikhalo ngobunzima balesi sifundo ukhethe ukusungula lo mgubho owenzeka njalo ngonyaka.

“Ngigqugquz­ela abafundi ukuthi baziphile izibalo ukuze zizoba lula kubo. Ngisusa nalo mqondo wokuthi izibalo zinzima ngoba nalokho kunomthele­la wokuthi izibalo zibe nezinga eliphansi lokuphaswa,” kusho uDkt Mkhize.

UDkt Mkhize useneminya­ka engaphezu kweyisihla­nu ehambela izikole ngenhloso yokusiza abafundi ngezibalo. Kulokhu bekukhona abafundi abawu-15 base-UKZN abathole umfundaze kwi-Thuthuka Bursary Fund, nendodana yakhe uSphesihle Mkhize ukuzogqugq­uzela abafundi ukuthi babe ngabangani nezibalo.

Umphathi womnyango weSayensi kulesi sikole uMnuz Errol Zikalala, uthe bakuthokoz­ele kakhulu ukuba khona kwalo mgubho kulesi sikole.

“Ngiyathemb­a lizokhuphu­ka izinga lokuphasa izibalo njengoba sekube khona lo mgubho. Bengikade ngilufisa lolu suku, ngakho ngiyakujab­ulela ukufika kuka Dkt Mkhize.”

Uthe lesi sikole sihlose ukuthola u-100% esifundwen­i sezibalo kulo nyaka.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa