Isolezwe

Akaphumeli obala ngoVries

- ZAKHELE XABA

UMQEQESHI weKaizer Chiefs, u-Ernst Middendorp, ungena ezintangen­i ngekusasa likanozint­i, uVirgil Vries obukeka esezolizwa ngendaba ijezi eNaturena.

UVries waseNamibi­a, ugxekwe kakhulu ngamaphuth­a awenzile aholele ekutheni iChiefs ilahlekelw­e amaphuzu ibhekene neMamelodi Sundowns neCape Town City emidlalwen­i ye-Absa Premiershi­p. Ngesonto eledlule, iChiefs isayinise uDaniel Akpeyi waseNigeri­a obevimbela iChippa United. U-Akpeyi udlale umdlalo wokuqala ngesikhath­i iChiefs idlala ngokulinga­na ngo 1-1 ne-Orlando Pirates emdlalweni wabakhaya ngempelaso­nto edlule.

Izolo, esithangam­ini nabezindab­a eGoli, uMiddendor­p ukuqinisek­isile ukuthi uzovimbisa uBruce Bvuma uma sebebheken­e neThe Magic emdlalweni weLast 16 weNedbank Cup ozoba seNelson Mandela Stadium ngeSonto ngo-3 ntambama.

Lokhu kungenxa yokuthi u-Akpeyi akavumelek­ile ukudlala iNedbank ngoba uyidlalile ekwiChippa emasontwen­i adlule.

“Ngaba nengxoxo noBruce ngaphambi komdlalo wabakhaya, ngaphambi kokusayini­sa uDaniel ukucacisa izinto.

“Ungumdlali onekhono kodwa bekufanele sithathe isinqumo ngokuthi usekulunge­le yini ukuba senkundlen­i.

“Ngathi asimenze akulungele ngokwanele ngokomqond­o. SinoDaniel manje, ngaphambi kwalokho besino-Itu Khune. UBruce uneminyaka cishe engu-10 ezayo. Ngicabanga ukuthi ubekade elalele, akukho ukungabaza kulokho. Manje sekuyisikh­athi sakhe. Ngijabule ngokuthi izinto zikanje,” kusho uMiddendor­p.

UVries uthole ithuba emuva kokulimala kuka-Itumeleng Khune oyoze adlale ngesizini ezayo.Unozinti wesine kwiChiefs, Brylon Petersen obuye avimbe eqenjini leMulticho­ice Diski Challenge. Kuvele ukuthi kwiChiefs akujatshul­we ngoVries nokungenze­ka adedelwe ekupheleni kwesizini.

“Mayelana noVries, ngicabanga ukuthi kuseva ukuthi singakhulu­ma ngokuzokwe­nzeka ekupheleni kwesizini. Esingakush­o okwamanje ukuthi uVirgil Vries akazange alibambe ngezandla zombili ithuba lakhe ngaleso sikhathi. Lokho

kuyiqiniso, asikucacis­e. Sithe asimbeke eceleni sizame ukuvikela ikhono lakhe, sizobona ngokuhamba kwesikhath­i. Angazi ukuthi abaphathi bazonquma ukuthini yinto esazoxoxwa. Sizothathw­a isinqumo,” kusho uMiddendor­p.

IChiefs inengcinde­zi yokuwina iNedbank ukuze iqede indlala yezindebe yamasizini amathathu ngaphansi kwabaqeqes­hi abahlukene.

UMiddendor­p uthe ngeke asixegise isikimu nakuba edlala neqembu elidlala kwiABC Motsepe League.IChiefs ifinyelele kwiLast 16 emuva kokuhlula iTornado yase- Motsepe League. “Sinomgomo wokudlulel­a emzuliswan­eni olandelayo. Sizimisele ngalo mdlalo. Sizodlalis­a isikimu esiqinile, ngeke siwuthathe kalula lo mdlalo. Angikwazi ukusebenzi­sa uDaniel ngoba usewudlali­le lo mqhudelwan­o eqenjini asuka kulona. Ngiphoqeki­le ukuthi ngishintsh­e unozinti. Ngizodlali­sa uBruce. Uma ngingakwaz­i ukudlalisa umdlali, kukhona ozodlala. Abanye bazoyithat­ha indawo yakhe. I-The Magic siyibukile idlala neSantos, sayicubung­ula kahle,” kusho uMiddendor­p.

 ?? Isithombe: BACKPAGPIX ?? UMQEQESHI weKaizer Chiefs u-Ernst Middendorp akaphumeli obala ngekusasa lomunye wonozinti beqembu uVirgil Vries osephendul­e leliqembu abagilwa izikhathi eziningi kwaze kwadingeka lisayinise uDaniel Akpeyi waseNigeri­a obevimab kwiChippa United
Isithombe: BACKPAGPIX UMQEQESHI weKaizer Chiefs u-Ernst Middendorp akaphumeli obala ngekusasa lomunye wonozinti beqembu uVirgil Vries osephendul­e leliqembu abagilwa izikhathi eziningi kwaze kwadingeka lisayinise uDaniel Akpeyi waseNigeri­a obevimab kwiChippa United
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa