Akaphumeli obala ngoVries
UMQEQESHI weKaizer Chiefs, u-Ernst Middendorp, ungena ezintangeni ngekusasa likanozinti, uVirgil Vries obukeka esezolizwa ngendaba ijezi eNaturena.
UVries waseNamibia, ugxekwe kakhulu ngamaphutha awenzile aholele ekutheni iChiefs ilahlekelwe amaphuzu ibhekene neMamelodi Sundowns neCape Town City emidlalweni ye-Absa Premiership. Ngesonto eledlule, iChiefs isayinise uDaniel Akpeyi waseNigeria obevimbela iChippa United. U-Akpeyi udlale umdlalo wokuqala ngesikhathi iChiefs idlala ngokulingana ngo 1-1 ne-Orlando Pirates emdlalweni wabakhaya ngempelasonto edlule.
Izolo, esithangamini nabezindaba eGoli, uMiddendorp ukuqinisekisile ukuthi uzovimbisa uBruce Bvuma uma sebebhekene neThe Magic emdlalweni weLast 16 weNedbank Cup ozoba seNelson Mandela Stadium ngeSonto ngo-3 ntambama.
Lokhu kungenxa yokuthi u-Akpeyi akavumelekile ukudlala iNedbank ngoba uyidlalile ekwiChippa emasontweni adlule.
“Ngaba nengxoxo noBruce ngaphambi komdlalo wabakhaya, ngaphambi kokusayinisa uDaniel ukucacisa izinto.
“Ungumdlali onekhono kodwa bekufanele sithathe isinqumo ngokuthi usekulungele yini ukuba senkundleni.
“Ngathi asimenze akulungele ngokwanele ngokomqondo. SinoDaniel manje, ngaphambi kwalokho besino-Itu Khune. UBruce uneminyaka cishe engu-10 ezayo. Ngicabanga ukuthi ubekade elalele, akukho ukungabaza kulokho. Manje sekuyisikhathi sakhe. Ngijabule ngokuthi izinto zikanje,” kusho uMiddendorp.
UVries uthole ithuba emuva kokulimala kuka-Itumeleng Khune oyoze adlale ngesizini ezayo.Unozinti wesine kwiChiefs, Brylon Petersen obuye avimbe eqenjini leMultichoice Diski Challenge. Kuvele ukuthi kwiChiefs akujatshulwe ngoVries nokungenzeka adedelwe ekupheleni kwesizini. “Mayelana noVries, ngicabanga ukuthi kuseva ukuthi singakhuluma
ngokuzokwenzeka ekupheleni kwesizini. Esingakusho okwamanje ukuthi uVirgil Vries akazange alibambe ngezandla zombili ithuba lakhe ngaleso sikhathi. Lokho kuyiqiniso, asikucacise. Sithe asimbeke eceleni sizame ukuvikela ikhono lakhe, sizobona ngokuhamba kwesikhathi. Angazi ukuthi abaphathi bazonquma ukuthini yinto esazoxoxwa. Sizothathwa isinqumo,” kusho uMiddendorp.
IChiefs inengcindezi yokuwina iNedbank ukuze iqede indlala yezindebe yamasizini amathathu ngaphansi kwabaqeqeshi abahlukene.
UMiddendorp uthe ngeke asixegise isikimu nakuba edlala neqembu elidlala kwiABC Motsepe League.IChiefs ifinyelele kwiLast 16 emuva kokuhlula iTornado yaseEastern Cape edlala kwi-ABC Motsepe League.
“Sinomgomo wokudlulela emzuliswaneni olandelayo. Sizimisele ngalo mdlalo. Sizodlalisa isikimu esiqinile, ngeke siwuthathe kalula lo mdlalo. Angikwazi ukusebenzisa uDaniel ngoba usewudlalile lo mqhudelwano eqenjini asuka kulona. Ngiphoqekile ukuthi ngishintshe unozinti. Ngizodlalisa uBruce. Uma ngingakwazi ukudlalisa umdlali, kukhona ozodlala. Abanye bazoyithatha indawo yakhe. I-The Magic siyibukile idlala neSantos, sayicubungula kahle,” kusho uMiddendorp.