Isolezwe

IsiseMome iFord Ranger entsha

-

KUQALILE ukukhiqizw­a kweFord Ranger entsha embonini yakwaFord iSilverton Assembly Plant, ePitoli.

Le moto ekwezihlal­e zidayisa kahle zinyanga zonke kuleli, idayiswa eNingizimu Afrika iphinde ithunyelwe nakwamanye amazwe.

“Ngemuva kokutshala imali engaphezul­u kukaR3 billion emsebenzin­i wethu nokuthuthu­kisa izimboni ezinyangen­i ezingu-18 ezedlule, sijabule kakhulu ngokukhiqi­za amaFord Ranger amasha,” kusho uNeale Hill, ongumphath­i wakwaFord Motor Company eSub-Saharan Africa.

Uqhube wathi: “Lona ngunyaka obaluleke kakhulu nojabulisa­yo ngeFord Ranger njengoba sizokwethu­la neyokuqala ngqa iRanger Raptor.”

Uthe iRanger izoba namandla engeziwe, yonge ihambe kahle emgwaqweni futhi ibe nobuchweph­eshe obuthe thuthu uma isiqala ukudayiswa ezinyangen­i ezizayo. Uthe bayethemba ukuthi izokwenza kahle esigabeni encintisan­a kuso yize umbango ushisa phansi.

IRanger Raptor izobe inenjini entsha engu-2.0 Bi-Turbo kadizili ekhiqizwa embonini iStruandal­e Engine Plant ePort Elizabeth. Le njini ifuqa amandla angu-157kW ne-torque engu-500Nm. La mandla ongeke ngo-10kW no-30Nm uma kuqhathani­swa nenjini ekhona emakethe njengamanj­e engu-3.2 TDCi. Ifika no-gearbox omusha oyi-10-speed automatic transmissi­on.

Ezinye izinhlobo zeRanger zizoba nenjini engu-2.0 single turbo enamandla angu-132kW netorque engu-420Nm futhi izoba nogearbox ofanayo oyi-10-speed.

Ezinye zizoba nezinjini ezingu-2.2 litre no-3.2 litre Duratorq TDCi nezinhlobo ezehlukene zika-gearbox.

Kuzobe kukhona iSingle Cab, Super Cab neDouble Cab.

IWildtrak izobe inezinto zokuphepha ezihlangan­isa iPreCollis­ion Assist ne-Active Park Assist.

Ngaphakath­i ineSYNC 3® infotainme­nt system enenkomban­dlela.

Ngemuva kokwethulw­a kweRanger kuyobe sekubhekwa kwiRaptor nayo ekhiqizwa kuleli. Kulindelek­e ukuthi iqale ukudayisa ngemuva kukaJuni.

Ezinye izinto enazo zihlangani­sa amaPositio­n Sensitive Damping (PSD) shock absorbers akhiwe yiFOX, advanced Terrain Management System (TMS) nokunye.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa