Ibhuloho elifuna ushayele ngobunono
SAPHINDA sahlangana kuseyizo izinkani zababili, ongaphansi nongaphezulu. Kudela umfundi weSolezwe ozibonele mathupha amehlo amabili egqolozele ingosi yamasonto onke. Angithi vele lawa mehlo afunda le ngosi asesukile emgwaqweni kanti nenqola yomlilo isathe gozololo isho iqhubeka nokunkewuka imibala esawolintshi okusho khona ukuthi asevuliwe ama-hazard.
Liyangibusa ithemba lokuthi sonke sisaphephile.
Ngicela ukukuthatha ngamehlo engqondo ngikukhiphe eThekwini lansondo, sikhuphuke ngomgwaqo wobhuqu silisingisa entshonalanga esenyakatho yaleli dolobha.
Uma wake wasilalela isiqephu esaduma kudala kwithelevishini esasithi Kwakhala Nyonini uzokhumbula ukuthi kwakunendawo ebizwa ngeNdwedwe.
Yebo, le ndawo idume ngentaba engcwele kumaNazaretha. Leyo ntaba yiNhlangakazi yansondo lapho ngo-1913 uMphrofethi Myoliswa Mudliwamafa “Mqaliwendlela” Shembe asungulela khona ibandla lakhe.
Uma wehlisa amehlo usuka phezulu entabeni iNhlangakazi uze uyosithela emhosheni ongasempumalanga yale ntaba ugcina ufike emgwaqweni ogudla umfula. Lo mgwaqo uxhumanisa iNdwedwe, iTheku noMshwathi. Kulo mgwaqo wobhuqu ugcina usuwuwela lo mfudlana ongatheni. Lowo mfula yiwo lona ongena eThekwini sewusabeka. Igama lawo wuMdloti.
Abazi le ndawo bazokutshela ukuthi uMdloti uyinhlanganisela yemifula emincane kuleya ndawo. Ngiyazi ukuthi njengomuntu olandela le ngosi usuqalile ukuzibuza ukuthi ngabe kuseyiwo ama-hazard lawa asekhuluma ngemifula nezintaba.
Yebo, yiwo nezinqotho zawo, woza namehlo ngize nendaba. Uma ungathola izithombe ezindala ezikhuluma ngomlando wamaNazaretha ngeminyaka yo-1920 uzobona ibhuloho eliwela uMdloti enhla nawo.
Leli bhuloho elineminyaka engaphezu kwengu-80 lakhiwa kwakusahamba imoto eyodwa ngosuku kulona kodwa namanje lisekhona sekuwela izimoto ezibalelwa ku-100. Ubungozi obusabisayo wukuthi nokubiyeleka kwezimoto akukho, imoto ingaphaphalaza ikhalakathele nje kalula emfuleni.
Azikho izimpawu ezikhombisa ukuthi uya ebhulohweni. Kuwela imoto eyodwa ngesikhathi kulona kanti lakhiwe lavundla okwenza ukuthi umgwaqo ube yigwingci elixakile eliyingozi ikakhulukazi ebusuku.
Leli bhuloho ngingasho ukuthi yilona elixhumanisa leya ngxenye yeNdwedwe neTheku kodwa aliphephile neze. Ngisho amabhasi aya nabuya eThekwini awela kulona leli bhuloho eliwuntanga wokhokho.
Angihlosile ukukhulumela isimo somgwaqo kepha ngiyafunga ukuthi uma ungathatha leli bhuloho ulifake ohlwini lwemigwaqo eyingozi emhlabeni lingakleliswa phezulu namanye.
Izazi zake zakunkankanya ukuthi lo mgwaqo uphuculwe ukusuka eMkhukhuze uze uyophuma eMontebello ngoba ungagcina unciphisa umthamo wezimoto kuN3 ngokuba yindlela emfishane uma uya eMdlovane naseMshwathi. Isimo saleli bhuloho siyithwalisa kanzima iloli emasondo-sondo ngenxa yokuba yijika eduze.
Ngiyethemba asincinzanga kwezwela kulabo okuwumsebenzi wabo ukulungisa imigwaqo kodwa luyadinga ukufakelwa izibuko udaba lwaleli bhuloho kungaze kukhalakathele abantu bese kuthiwa amashwa noma yizingozi zantonintoni.
Hhayi-ke sesingawavala amahazard ethu siqhubeke siwele ngokucophelela ebhulohweni elesabekayo ngethemba lokuthi sonke sizoqhubeka nokushayela ngobunono bekati nangokubuswa yiyo yonke imithetho yezokushayela ebusa izwe ukuze sihlale siphephile.
Kungenjalo singaxhumana ekhasini Igedlela Lami with Sthembiso Shangase. Yimi owenu nali ikheli ngezansi hazardiso@gmail.com