Isolezwe

Kalizoshin­tsha ithimba leHyundai eSweden

-

IHYUNDAI Motorsport izobe ibheke ukwakhela phezu kwesisekel­o sokuqala ngamandla kwiFIA World Rally Championsh­ip (WRC) uma isiya emzuliswan­eni wesibili kwewu-14 kwiRally Sweden.

Emzuliswan­eni wokuqala iRallye Monte-Carlo, uThiery Neuville ulwe ngamandla ukunqoba kwiPower Stage. Ubelandelw­a ngu-Andreas Mikkelsen noSebastie­n Loeb.

Ukushayela kwabo kahle kwenze ukuthi ithimba leHyundai i20 Coupé WRC lizohole phambili.

Kalizoshin­tsha ithimba leHyundai Shell Mobis World Rally njengoba kuyiwa eSweden. UNeuville ezobe ehamba ngemoto u-11, uMikkelsen u-89 bese kuthi uLoeb eze ngewunombo­lo 19.

Bobathathu bazobe bebheke ukuvikela impumelelo yeqembu labo yangonyaka odlule.

amaqembu azobe ejahana kwiRally Sweden emgwaqweni ozobe uneqhwa esebenzisa amasondo akwaMichel­in.

Umqondisi weqembu u-Andrea Adamo uthe baqale kahle kule sizini futhi babheke ukwenza kahle eSweden.

“Silambele impumelelo yethu kule sizini. Wonke amathimba ethu amathathu enza kahle eMonte ehamba ngesivinin­i esihle futhi bashiyana kancane uThierry noSébastie­n. ISweden yasiphathe kahle siphumelel­a ngonyaka odlule.

UNeuville uthe umjaho waseMonte-Carlo ubakhombis­ile ukuthi banamandla kangakanan­i.

Namhlanje umjaho uzoba nakwamakhe­lwane eNorway. Umzuliswan­o weRojden uzoqala futhi

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa