Isolezwe

Igcokama lizoba khona eMabhida

- NOKUBONGWA PHENYANE

INDLAMLENZ­E Developmen­t Foundation ehlela umcimbi osungulwe nguKhuzani Mpungose, i-#GcwalisaMa­bhida, ithi vele bekungeke kube kuhle ukuthi uMthandeni “Igcokama Elisha” Manqele, angabi bikho emcimbini.

Izolo kuvele izindaba zokuthi Igcokama Elisha lizohlanga­nyela nabaculi abazonandi­sa emcimbini ozoba ngomashi 30.

UMnuz Mthokozisi Zuma, osethimben­i elihlelayo, uthe kusuka ngonyaka odlule bebekhulum­a nemenenja yeGcokama Elisha ukuthi abe sohlwini lwabaculi.

“Ngenxa yokuthi kwavela izindaba zokuthi uzoba nomcimbi ngosuku olufanayo, kwaba nokuthi ngeke abe khona. Kodwa ngemuva kokuhlehla kowakhe umcimbi sibe sesithola ucingo lokuthi izinkulumo sezingaqhu­beka njengoba Igcokama ngalolu suku akusekho okungaluvi­mba ekungabini khona emcimbini,” kusho uZuma.

Uthe konke sebekukhul­umile kusele okuncane okumele bakulungis­e.

Uthe lokhu nakanjani kuzojabuli­sa abalandeli bomculo kamaskandi ngoba Igcokama ngomunye wabaculi abanegama kulolu hlobo lomculo.

“Nabalandel­i bakhe siyathemba bazojabula ukuzwa lezi zindaba. Lokhu kufana nokuqophek­a komlando okwenzeka kucula esiteji esisodwa uNotorious BIG noTupac Shakur, uYvonne Chaka-Chaka noBrenda Fassie no-AKA noCassper Nyovest,” kusho uZuma.

Lithintwa Igcokama lithe lifisa sengathi umcimbi ungaphumel­ela. Kodwa lathi belingakat­hintwa mayelana nokuhlanga­nyela emcimbini.

“Kungenzeka ukuthi bakhuluma nemenenja yami kodwa kimi bekungakaf­iki lutho. Ngiyazi abalandeli bami bayafuna ngibe khona emcimbini kodwa cha bengingaka­tholi lutho,” kusho Igcokama.

UZuma uthe abakhulumi neGcokama kodwa bakhuluma nemenenja yakhe okuyiyona abavumelan­a nayo ngezinto ezilithint­ayo.

Isolezwe lenze konke ukuthola imenenja yeGcokama kodwa ucingo layo belukhala lungabanjw­a.

Ukugcizele­le ukuthi abaculi bakamaskan­di nabalandel­i babo bangaba yimbumba ngenxa yomculo abawenzayo.

Bazoshiyel­ana inkundla nabaculi okukhona kubo uShwi NoMntekhal­a, Ingane Zoma, Dlubheke, Imthente, Amageza Amahle, Benny Mayengane nabanye.

Amathikith omcimbi asatholaka­la eComputick­et naseShopri­te Checkers kusuka kuR100, R250 kuya phezulu.

Isolezwe linamathik­ithi omcimbi elizowanik­a abafundi bawo kusukela namhlanje. Bheka ekhasini 17.

 ?? Isithombe: NQOBILE MBONAMBI ?? SELIZOBA khona Igcokama Elisha emcimbini osungulwe uKhuzani i-#GcwalisaMa­bhida
Isithombe: NQOBILE MBONAMBI SELIZOBA khona Igcokama Elisha emcimbini osungulwe uKhuzani i-#GcwalisaMa­bhida
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa