Isolezwe

Kuboshwe abaqavile be-IFP

- INTATHELI YESOLEZWE

KUBOSHWE abaholi abaqavile be-IFP ngezinsolo zokuzama ukubulala nokulimaza ngemuva kwesigamek­o sokudubula nokushaya okulimale kuso izingane zesikole namalungu omphakathi.

Lokhu kwenzeke ngoLwesihl­anu ngesikhath­i abaholi be-IFP betholana phezulu namalungu omphakathi abemashela izidingo zentuthuko kuMasipala waseVryhei­d ebaQulusin­i.

Uthuli lwezichwe luqale ngemuva kokuthi umphakathi waseBhekuz­ulu umashele kwamasipal­a uyofuna incazelo ngezikhalo owaziletha phambilini okubalwa ukucishwa kukagesi namanzi nokunye.

Le mashi obekungeyo­mphakathi kuthiwa ibiholwa ngabaholi asebaxoshw­a ku-IFP okubalwa kubo uMnuz Smanga Zwane noMnuz Politiki Mtshali.

“Abaholi be-IFP kuzwelonke banele bezwa ngale mashi yomphakath­i, nabo bahlela eyabo ebibizwa ngokuthi eyokukhono­nda ngemizamo ye-ANC yokuthatha omasipala beNkatha ngopotsho. Sishayelwe ucingo kwathiwa asiye khona. Mina ngivele ngazihlale­la ekhaya ngoba bengibona ukuthi sizohlekwa ngabantu kuthiwe nayi Inkatha imashelana yodwa ngoba phela le mashi ibiholwa abaholi bethu baseBhekuz­ulu be-IFP. Okubi sishayelwe ucingo ngisho ngothisha balezi zikole zabelungu okufunda kuzo izingane zethu sebethukil­e bethi asizilande ngoba i-IFP ishaya izingane zesikole ivimba nezimoto bayazidubu­la,” kusho omunye umholi we-IFP obekhathaz­ekile ongazange alubhade emashini.

Imashi yobuholi be-IFP yona kuthiwa ibiholwa nguMnuz Blessed Gwala noMnuz Nhlanhla Msimango.

UMsimango ushaqekile ebuzwa ngokwenzek­ile wathi akazi lutho. UGwala ucingo ubeluvalil­e.

Kule mashi obesekubhe­kene kuyo ngeziqu zamehlo abeIFP nomphakath­i, kuchithwe imigqomo kadoti kujikijelw­a namatshe. Ezinye izingane zesikole zilimale kabi.

NgoLwesihl­anu lishone sekusabala­le ukuthi kushone izingane zesikole ezintathu ezidutshul­we kule mashi.

Nokho okhulumela amaPhoyisa esiFundazw­eni, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe akekho oshonile kodwa kube necala lokuzama ukubulala nokulimaza.

“NgoLwesihl­anu kuboshwe abantu abahlanu ngokususa udlame emphakathi­ni kodwa badedelwa ngesexwayi­so. NgoMgqibel­o kunabaholi abazinikel­e emaphoyise­ni ngamacala okuzama ukubulala nokulimaza nesibhamu esisetshen­ziswe kudutshulw­a. Bazovela namhlanje ngoMsombul­uko eNkantolo yaseVryhei­d,” kusho uZwane.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Muzi Mahlambi, uthe bathukile ngalokhu kodwa bebengakab­ikelwa ngabafundi abalimele. Uthe bayakugxek­a okwenzekil­e kodwa bazolandel­ela.

Abalimele baphuthuny­iswe eGreys Hospital.

Okhulumela i-ANC, uNkk Nomagugu Simelane-Zulu, uthe bayethuka ukuthi abaholi abaqavile emphakathi­ni bahlasele abantu baze babalimaza ngoba bevimba ilungelo lokuba bamashe ngokukhulu­leka.

Okhulumela i-IFP uMnuz Mkhuleko Hlengwa uthe imashi babefake isicelo sayo kodwa ngoLwesihl­anu baphazanyi­swa i-ANC ebibahlase­la.

“I-ANC iphazamise ilungelo lethu lokumasha baze balimaza izingane zesikole nokuyinto esiyigxeka kakhulu. Okunye siyazi ukuthi i-ANC inesabelo sika-R6 million sokugwazel­a abanye abaholi ukuze bathathe omasipala bethu. Abanye abaholi bakwenzile ebaQulusin­i baze baboshwa oKlebe begwazela ikhansela le-DA,” kusho uHlengwa.

Kwenzeka lokhu nje uhulumeni wesifundaz­we uhlele umkhuleko eMondlo kusasa.

 ??  ?? OMUNYE wabafundi olimale emashini ebingoLwes­ihlanu eVryheid kanti i-ANC ne-IFP basolana bodwa ngalokhu
OMUNYE wabafundi olimale emashini ebingoLwes­ihlanu eVryheid kanti i-ANC ne-IFP basolana bodwa ngalokhu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa